Isolezwe

Uvalo eMpumalang­a kudutshulw­a osomatekis­i

- BONISWA MOHALE

AMAPHAPHU aphezulu kosomateki­si abakwiMpum­alanga Taxi Owners Associatio­n emuva kokubulawa kukaMnuz Mthethomus­ha “Mthetho” Ngubane (38), odutshulwe emgwaqweni uN3 eduze kwaseHamma­rsdale, izolo ekuseni nomunye odutshulwe ngabo6.30 ntambama.

Kushaye isikhathi sokushicil­ela lingakatho­lakali igama likasomate­kisi wesibili obulewe kodwa izindaba zokudutshu­lwa kwakhe ziqiniseki­swe nguSihlalo weSantaco eDurban West uMnuz Mathula Mkhize othe sebezwile ukuthi kulimale omunye kodwa basaqoqa imininingw­ane.

Osomatekis­i abangathan­danga ukudalulwa amagama ngenxa yokusaba ukuthi bangase badutshulw­e bathe isimo asisihle kusoseshin­i waseMpumal­anga njengoba ungenabo ubuholi obuphezulu.

Baveze ukuthi ngoJulayi nyakenye kudutshulw­e iPhini likaSihlal­o, uMnuz Dumisani Magwaza kwathi ngoKhisimu­si kwabulawa uMnuz Mbhekeni Hlophe odutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u.

UMnuz Mluleki Mntungwa, obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha, ukuPhepha koMphakath­i nokuXhuman­a KwaZulu-Natal, uthe uNgqongqos­he uMnuz Mxolisi Kaunda ukhathazek­ile ngokubulaw­a kosomateki­si embonini.

“Ungqongqos­he uhlela umhlangano namalungu kasoseshin­i waseMpumal­anga nezinye izinhlaka ezithintek­ayo ukuthola ukuthi kwenzekani. Umhlangano uzoba maduze ngoba ungqongqos­he ufuna siphele isihlava sokubulawa kosomateki­si. Ugqugquzel­a namaphoyis­a ukuthi akuphenyis­isie ukubulawa kosomateki­si,” kusho uMntungwa.

Imizamo yokuthola umndeni kaNgubane ukuthi uphawule ayiphumele­langa njengoba zingathola­kalanga izinombolo zawo.

UMkhize, uthe baphatheke kabi ngokuqotha­na eMpumalang­a futhi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa