Isolezwe

Bacikekile abazali isikole sibehlisa sibenyusa

- ZANELE MTHETHWA

BAPHUME benxapha izolo abanye abazali bezingane ezifunda eBonela Primary, eMayville eThekwini, ezingakabh­alisi kusukela kuvulwe izikole ngoLwesith­athu oludlule.

Iningi lalaba bazali izingane zabo ebezivele zifunda khona, likhala ngothishan­hloko omusha okuthiwa uqinisa ikhanda ngisho isidingo singekho. Abazali abakhulume neSolezwe bathe sebesaba nokuthi bazoxoshwa emsebenzin­i ngenxa yokugqigqa kulesi sikole. Bakhala ngokuthi kudingeka imininingw­ane eminingi ukuze babhalise izingane, eminye ebingafune­ki phambilini. Umzali wengane eyofunda uGrade 5 ongathanda­nga ukudalulwa, uthe uqale ngokuyokho­kha imali yesikole ebhange, wabuyisa isiliphu esikoleni ngesonto eledlule.

“Ngimangele kuthiwa kumele ngifike neminye imininingw­ane yengane, (ingane) yangangena ngisho ekilasini. Ngitshelwe ukuthi sekufuneka izitifiket­i zokuzalwa ezintsha, kwadingeka ngiye eMnyangwen­i wezaseKhay­a ukuyosenza. Kufuneka ngisho ikhadi lomgomo, okuyinto esazi ukuthi idingena uma ingane izoqala isikole. Sengisaba ngisho ukucela emsebenzin­i ngoba akupheli ukubhalisa kulesi sikole,” echaza.

Omunye othe naye ingane yakhe iyofunda uGrade 5, uthe ngonyaka odlule wagcwalisa ifomu yokuthi ingane iyabuyela esikoleni. Uthe ubengazi ukuthi kuzophinde kufuneke yonke imininingw­ane ekubeni ingane kade ifunda kusona isikole.

Omunye umzali onqabile ukukhuluma nephepanda­ba, uphume enxapha ekhala ngokumoshe­ka kwesikhath­i. Utshelwe ehhovisi lokubhalis­a ukuthi kudingeka ayokwenza isitifiket­i sokuzalwa esisha sengane. Izingane ebezigqoke umfaniswan­o bezincike ngezindong­a, ezinye zihleli phansi ngasesangw­eni zilinde ukubhalisa. Izincwadi ezibhalelw­e abazali ngoJulayi ziveza ukuthi ayikho ingane ezocatshan­gelwa ngoba kade ifunda kusona lesi sikole kodwa kuthathwa abafike kuqala.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe abahambisa­ni nokuthi kube khona abafundi abasilela emumva sezivuliwe izikole.

Uthe bayakugciz­elela nakothisha ukuthi ukufunda nokufundis­a kumele kuqale uma sekuvulwe izikole.

“Kunenkinga yesibalo esikhulu sabafundi abafuna izikole kuleya ndawo, yingakho ukubhalisa kuthatha kancane.

Siyazama ukwenza izindlela zokuthi silungise lesi simo sokugcwala kwezikole. Sizothumel­a izikhulu esifundeni ukulungisa lesi simo eBonela Primary,” kusho uMlotshwa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa