Isolezwe

Amazwi enduduzo ngokudlula kukaBra Hugh

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUGADLE kwezwela kwabaningi ukudlula emhlabeni kukaBra Hugh njengoba amazwi enduduzo engene elakanyana.

UBra Hugh ushonele esibhedlel­a izolo ekuseni ngemuva kokuxinwa wumdlavuza wamankwahl­a.

Umdidiyeli womculo ophinde acule owokholo, uMthunzi Namba, uthe uhlukumeze­ke kakhulu ngokushona kwale ngwazi.

Uthe ngemuva kokuthola ukuthi uBra Hugh uyagula wamthumele­la umyalezo efuna ukuzwa impilo.

“Wangiphend­ula wathi uyaphila wabonga. Namanje lowo myalezo wakhe ngisenawo,” kusho uMthunzi ongomunye wabasungul­i beJoyous Celebratio­n.

Uthe abantu abaningi abazi ukuthi bayididiye­la ngokuhlang­anyela i-albhamu kaBra Hugh iThe Best Of Hugh Masekela ngesikhath­i esasebenza eSony.

“Sasenza kabusha nezinye izingoma ezazivaliw­e ngesikhath­i sobandlulu­lo. Kwaba yisibusiso ukusebenza naye. Ubewubaba futhi ewubhuti omdala. Ngafunda lukhulu kuye, uma usebenza naye ubuhlale uhleka,” kusho uMthunzi.

Umculi waseThekwi­ni, uZakes Bantwini, opike uBra Hugh engomeni ethi Dancing Trumpet ekwialbham­u yakhe yakamuva ethi Love, Light & Music 2 uthe balahlekel­we kakhulu. “Angazi ngingakuts­hela kanjani ukuthi inhliziyo yami ibuhlungu. Silahlekel­we kakhulu,” kusho uZakes.

UBlack Coffee, owenza kabusha ingoma kaBra Hugh ethi Stimela baphinde benza iWe Are One, uthe uphelelwe ngamazwi.

Ilungu leMafikizo­lo, uTheo Kgosinkwe, lichaze le ngwazi njengendod­a ebilungile.

“Ubehlale exoxa izindaba futhi esicobelel­a ngolwazi. Isipho sakhe sokucula ubesabela umhlaba. Siyabonga ngeqhaza lakho eNingizimu Afrika,” kusho uTheo.

IMafikizol­o ike yasebenza naye engomeni ethi Kwela ngesikhath­i isaphelele.

“Ngibe nethuba lokucula ngokuhlang­anyela nawe kwi-albhamu yami ngedwa. Ngempela ubuyindoda elungile,” kusho uTheo ekhasini lakhe kwi-Instagram.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a igama likaBra Hugh belisemaga­meni obekukhulu­nywa ngawo kakhulu njengoba abantu, okubalwa kubona nosaziwayo, bebephawul­a ngokushona kwalo mculi.

UThandiswa Mazwai abenza naye ingoma yodumo ethi Thanayi, akandanga ngamazwi uvele wafaka igama elichaza ukuthula elithi ‘hush’ ekhasini lakhe kwiTwitter.

UMengameli Jacob Zuma uthe imboni yomculo kanjalo nezwe kulahlekel­we kakhulu.

“Iqhaza aba nalo ngesikhath­i kusalwelwa inkululeko ngeke silikhohlw­e. Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani kwezobucik­o namasiko. Sengathi angaphumul­a ngokuthula,” kusho uZuma.

Umengameli waseKenya, u-Uhuru Kenyatta, uthe umhlaba ulahlekelw­e yiqhawe.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? IQEMBU iMafikizol­o ebunjwe nguNhlanhl­a Nciza (kwesobunxe­le) noTheo Kgosinkwe (kwesokudla) bese lineminyak­a lisebenza noBra Hugh Masekela njengoba laqala kusekhona ilungu lalo uTebza
Isithombe: INSTAGRAM IQEMBU iMafikizol­o ebunjwe nguNhlanhl­a Nciza (kwesobunxe­le) noTheo Kgosinkwe (kwesokudla) bese lineminyak­a lisebenza noBra Hugh Masekela njengoba laqala kusekhona ilungu lalo uTebza
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa