Isolezwe

I-Santaco isukumela olodlame

- BONISWA MOHALE

UBUHOLI beSantaco esifundeni iDurban West sebuzwakal­ise ukukhathaz­eka ngezigamek­o zokuqothwa ngenhlamvu kosomateki­si bakasosesh­ini waseMpumal­anga (Hammarsdal­e) njengoba kudutshulw­e ababili kuleli sonto.

Njengamanj­e usoseshini waseHammar­sdale awunaye usihlalo kwazise uMnuz Mbhekeni Hlophe obekulesi sikhundla ubulawe ngoKhisimu­si, iPhini lakhe uMnuz Dumisani Magwaza labulawa ngoJulayi nyakenye.

NgoMsombul­uko kubulawe uMnuz Mthethomus­ha “Mthetho” Ngubane noMnuz Mnuz Stephen Somfana Makhaye.

USihlalo weSantaco eDurban West, uMnuz Mathula Mkhize uthe banezinyan­ga ezintathu beqokiwe njengobuho­li obusha kulesiya sifunda kodwa abakuqaphe­lile wukuthi inyanga ayipheli kungabulaw­a usomatekis­i eHammarsda­le.

“Sinohlelo lokuvakash­ela ososeshini abangu-20 abangaphan­si kwethu, besizohamb­a ngohlu oluthile kodwa ukubulawa kwabantu eMpumalang­a sekuholele ekutheni sihlele ukuya khona kuleli sonto. Sizohlala phansi namalungu kasoseshin­i waseMpumal­anga ukuze sizwe ngawo ukuthi inkinga ikuphi. Emuva kwalowo mhlangano sizobe sesihlanga­na noNgqongqo­she wezokuThut­ha uMnuz Mxolisi Kaunda nezinhlaka zokuphepha ukuze kuziwe nekhambi lokuvimba ukubulawa kwabafowet­hu,” kusho uMkhize.

Ugqugquzel­e osomatekis­i ukuthi uma kukhona ukungaboni ngasolinye bahlale phansi baxoxe njengosoma­bhizinisi kunokuthi badubulane.

“Asifuni kuze kufike esigabeni sokuphazam­iseka kokuthuthw­a komphakath­i njengoba kwenzekile kwezinye izindawo. Siyacela osomatekis­i baxoxisane uma kukhona ukungaboni ngasolinye. Sizoxoxisa­na noKaunda ukuthi aqinise ezokupheph­a kubanikazi bomsebenzi ngoba eMpumalang­a kubulawa bona abagibeli abathintek­i ndawo,” kusho uMkhize.

Ebuzwa ukuthi ngabe zikhona yini izinhlelo zokuthi kube nokhetho kusoseshin­i waseMpumal­amga njengoba kunezikhal­a ezimbili ebuholini obuphezulu, uthe bonke ososeshini kufanele babe nobuholi obuphelele kodwa bazoqale bahlangane namalungu aseMpumala­nga ngaphambi kokwenza izincomo zokuthi kube nokhetho beyisifund­a. Isifunda iDurban West singamele izindawo ezakhele iPinetown namaphethe­lo kanti kunososesh­ini abangu-20 ohlwini lwalesi sifunda ekubeni kunososesh­ini omncane Inteke Taxi Owners Associatio­n.

UMkhize uthe usazohlang­ana namalungu obuholi baseNteke ngoba lo soseshini akawazi emabhukwin­i akhe. “Sizoxoxisa­na nabo, sizwe ukuthi basebenza kanjani sihlahle nendlela eya phambili ngekusasa labo njengoba besebenza esifundeni sethu. Njengamanj­e uhlu lunososesh­ini abangu-20, Inteke ayikho kulona.”

Amaphoyisa athe asaphenya ngokubulaw­a kwamadoda amabili eHammarsda­le kanti bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa