Umuzwa ohlukile uHugh ecula okokugcina
KWAKUNGATHI abantu bakuleli bayezwa ukuthi usebaculela okokugcina uHugh Masekela (78), emcimbini owawuhlelwe isiteshi uMzansi Magic, amaDStv Mzansi Magic Viewers’ Choice Awards ngonyaka odlule.
UHugh wayeze kulo mcimbi ezohlonishwa ngendondo yeLife Achievement ngegalelo lakhe endimeni yomculo.
Kulo mcimbi uHugh wangena esiteji kusanda kuphuma uThandiswa Mazwai, ephethe isigubhu samanzi necilongo lakhe.
Kwasukuma wonke umuntu engakaqali nokudlala ingoma eyodwa kwaduma ihlombe.
Le ngqalabutho yagoba ikhombisa ukubonga okwenzakayo yase iqala ukucula.
Iningi lalimi ngezinyawo lidansela izingoma zakhe ayezicula ngalolo suku.
Umzuzu owajabulisa abaningi yingesikhathi ecula ingoma ethi Stimela. Kukhona isikhathi la ayelingisa khona ukuthi sikhala kanjani kodwa ekwenza lokho ecula okwachaza iningi.
Ngemuva kwalokho kwase kungena umphathi wakwaM-Net uYolisa Phahle owaqale wafunda umlando ngokungena kukaHugh emculweni.
Ngemuva kwalokho uHugh waveza injabulo yakhe ngokuhlonishwa ngale ndondo, wathi abantu bakuleli bakhombise ukumthanda kakhulu.
Amazwi akhe engiwakhumbulayo athi: “Bengingeke ngikwazi ukungezi kulo mcimbi njengoba bangitshela kusenesikhathi futhi bangicela ukuthi ngicule kuwo ngenxa yokuthi bafuna ukungihlonipha ngisaphila.”
Kulo mcimbi kwase kucaca ukuthi ubambekile njengoba ayelokhu eshaya icilongo lakhe bese ethatha amanzi aqhabule.
Kodwa konke akwenza ngaloluya suku kwakucaca ukuthi kusuka enhliziyweni futhi naye ujabule.