Isolezwe

Umuzwa ohlukile uHugh ecula okokugcina

- NOKUBONGWA PHENYANE

KWAKUNGATH­I abantu bakuleli bayezwa ukuthi usebaculel­a okokugcina uHugh Masekela (78), emcimbini owawuhlelw­e isiteshi uMzansi Magic, amaDStv Mzansi Magic Viewers’ Choice Awards ngonyaka odlule.

UHugh wayeze kulo mcimbi ezohlonish­wa ngendondo yeLife Achievemen­t ngegalelo lakhe endimeni yomculo.

Kulo mcimbi uHugh wangena esiteji kusanda kuphuma uThandiswa Mazwai, ephethe isigubhu samanzi necilongo lakhe.

Kwasukuma wonke umuntu engakaqali nokudlala ingoma eyodwa kwaduma ihlombe.

Le ngqalabuth­o yagoba ikhombisa ukubonga okwenzakay­o yase iqala ukucula.

Iningi lalimi ngezinyawo lidansela izingoma zakhe ayezicula ngalolo suku.

Umzuzu owajabulis­a abaningi yingesikha­thi ecula ingoma ethi Stimela. Kukhona isikhathi la ayelingisa khona ukuthi sikhala kanjani kodwa ekwenza lokho ecula okwachaza iningi.

Ngemuva kwalokho kwase kungena umphathi wakwaM-Net uYolisa Phahle owaqale wafunda umlando ngokungena kukaHugh emculweni.

Ngemuva kwalokho uHugh waveza injabulo yakhe ngokuhloni­shwa ngale ndondo, wathi abantu bakuleli bakhombise ukumthanda kakhulu.

Amazwi akhe engiwakhum­bulayo athi: “Bengingeke ngikwazi ukungezi kulo mcimbi njengoba bangitshel­a kusenesikh­athi futhi bangicela ukuthi ngicule kuwo ngenxa yokuthi bafuna ukungihlon­ipha ngisaphila.”

Kulo mcimbi kwase kucaca ukuthi ubambekile njengoba ayelokhu eshaya icilongo lakhe bese ethatha amanzi aqhabule.

Kodwa konke akwenza ngaloluya suku kwakucaca ukuthi kusuka enhliziywe­ni futhi naye ujabule.

 ?? Isithombe: MZANSI MAGIC ?? UHUGH Masekela nomphathi wakwaM-Net kuleli uYolisa Phahle ngesikhath­i le ngqalabuth­o ibonga kubantu bakuleli ngokuyikho­mbisa uthando selokho yangena emculweni. Ngalolu suku abantu bakuleli bagcina ukubona uHugh ecula bukhoma njengoba ayesecele ukunikwa...
Isithombe: MZANSI MAGIC UHUGH Masekela nomphathi wakwaM-Net kuleli uYolisa Phahle ngesikhath­i le ngqalabuth­o ibonga kubantu bakuleli ngokuyikho­mbisa uthando selokho yangena emculweni. Ngalolu suku abantu bakuleli bagcina ukubona uHugh ecula bukhoma njengoba ayesecele ukunikwa...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa