Isolezwe

Isifiso sikaHugh ngomngcwab­o wakhe asishiye emndenini

- NOKUBONGWA PHENYANE

NGEKE ahlonishwe ngomngcwab­o wombuso uHugh Masekela (78), oshone ngoLwesith­athu ngemuva kokugula ephethwe umdlavuza wamankwahl­a.

UHugh sekuvele ukuthi wawutshela umndeni wakhe ukuthi uhulumeni ungamenzel­i lolu hlobo lomngcwabo.

Lezi zindaba zivezwe uZimasa Velaphi osebenza ehhovisi likaNgqong­qoshe wezobuCiko namaSiko kuzwelonke uNathi Mthethwa izolo.

Enkulumeni abe nayo neSolezwe uthe ngoLwesibi­li uMthethwa uhambile wayobona umndeni wakwaMasek­ela lapho ezwe khona lezi zindaba.

“UNgqonqgos­he ufike wezwa emndenini ukuthi uhulumeni angazihlup­hi ngokulungi­selela le ngqalabuth­o umngcwabo wombuso. Kuvele ukuthi wawutshela umndeni wakhe ukuthi emngcwaben­i wakhe ufuna kube khona umndeni, izihlobo, abangani nabalandel­i bakhe abazomvale­lisa ngendlela abafisa ngayo,” kusho uZimasa. Uthe babe sebelandel­a umyalelo abawuthole emndenini ngesifiso sikaMaseke­la. Le ngqalabuth­o okudumale iningi idlula emhlabeni, namhlanje umndeni wayo uzocacisa ukuthi izofihlwa nini.

Lokhu kuvele izolo njengoba namhlanje kuzoba nesithanga­mi sabezindab­a la umndeni uzomemezel­a uhlelo oluzolande­lwa.

Uma kuziwa ezinweleni zokufakelw­a ezijwayelw­e ngabesifaz­ane, uHugh wakuveza ukuthi akazithand­i. Ngisho osaziwayo bekubaphoq­a ukuthi bashuqule ukuze bathole isithombe naye.

UDineo Ranaka noKhabonin­a Qubeka bangabanye bosaziwayo ababhekana nalowo mshophi. Omunye wozakwethu uCharles Khuzwayo uveze ukuthi wake wamshayela ucingo uHugh, embuza ngenkolo yakhe engosini ephuma kwiSolezwe ngoMgqibel­o ethi Sidumisa Naye. UCharles ebuza uHugh ukuthi uyakholwa yini, wamtshela ukuthi akakholelw­a kuJesu. Ngonyaka odlule ngihambele umcimbi wokumhloni­pha ngeziqu zobudokote­la eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eWestville, ebuzwa ukuthi uthini ngendlela izwe eliphethwe ngayo wakubeka kwacaca ukuthi ukube kuya ngaye ngabe ubuholi obukhona buyashints­hwa. Wathi izwe abalilwela bayohlala ekudingisw­eni babengafun­i liphathwe ngendlela okwenzeka ngayo manje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa