Isolezwe

Abaganene babulawe belele

- S’MANGELE ZUMA

KUDUTSHULW­E kwabulawa abaganene baseMzimkh­ulu abasolwa ngokuhlala nenqwaba yezingane ezingafund­i okuthiwa ziyelashwa esontweni labo.

UMfundisi uNdumiso Jali (72) nonkosikaz­i wakhe uNkk Noma-India Jali (70) bebandla iCrusade kuthiwa bangenelwe ngamadoda angaziwa ngesikhath­i belele ngoLwesibi­li ebusuku.

Ilungu lomphakath­i elicele ukungadalu­lwa ngoba lisaba ukwenzakal­iswa lithe udaba lokuhlasel­wa kwalaba bashadikaz­i luxoxelwa phansi endaweni.

Kuthiwa abasolwa babaleke nemali engadalulw­anga, abayishaqe emzini kaJali.

“Sisashaqek­ile ukuthi ngobani laba ababe nesibindi esingaka ukungena emzini kaJali. Ubengumunt­u osatshwayo endaweni ngoba ubephila impilo engaqondak­ali. Bekunezins­olo zokuthi isonto lakhe ngelikaSat­hane, ubehlale ezivalele. Umuzi wakhe ukakwe yizihlahla ezisondele­ne okwenza kungabi lula ukubona phakathi. Kunenqwaba yezingane ahlala nazo okungazona ezasendawe­ni okuthiwa zisuke zizolashwa,” kusho leli lungu.

Lithe bayasola ukuthi uJali ubenemithi njengoba ngo-2013 lezi zingane zashaqwa osonhlalak­ahle, abazali bazo bahamba icala lokuhlukum­eza izingane ngokuziyek­isa isikole ukuze ziduve esontweni.

“Asazi kwenzakala­ni ecaleni ngoba kwadlula izinyangan­a sabona sezibuyile izingane. Lezi zingane uma uhlangana nazo endleleni bezivele zibaleke. Azifuni ukuphumela obala ngokuthi kwenziwani lapha ezihlala khona. Bezivele zibaleke uma ukhuluma nazo, ungazi noma zadonswa ngendlebe ukuthi zingakhulu­mi nabantu bangaphand­le,” kuqhuba leli lungu.

Isolezwe liqale ukubika ngalolu daba ngo-2012 ngemuva kokuncinzw­a indlebe ngamalungu omphakathi ayekhathaz­ekile ngezingane ezingu-63 okuthiwa zaziduve emzini kaJali zingayi ngisho esikoleni. Iminyaka yazo yayilingan­iselwa phakathi kuka-8 no-17.

Ngo-2013 liphinde labika ngoJali nabazali bezingane ababehamba icala lokuhlukum­eza lezi zingane, ezashaqwa wuMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i.

Iningi lalezi zingane kwatholaka­la ukuthi zidabuka e-Eastern Cape, abazali bazo babesebenz­ela iminyango eyahlukene kahulumeni wakhona.

UJali wayebheken­e necala lokuba nesikhungo sezingane esingekho emthethwen­i nokuvimbel­a izingane ukuthi ziye esikoleni.

Kuthiwa wayethi lezi zingane ‘zingezikhe­thekile’ kumele zifunde imfundiso yesonto kuphela.

Akucaci ukuthi kwenzakala­ni ngecala njengoba abazali bakhishwa ngesexwayi­so, uJali wanikezwa ibheyili kaR1 000.

UNkk Ncumisa Ndelu, okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal uzwakalise ukushaqeka ngezinsolo zokuthi izingane zabuye zabuyela esontweni likaJali. “Siyalikhum­bula udaba lwesonto lakwaJali. Sasebenzis­ana namaphoyis­a izingane sazisusa khona. Ngizothint­a ihhovisi lethu elisondele­ne naleli sonto ukuthola okusha ngalolu daba. Uma kuliqiniso ukuthi izingane zabuyela, sizobuyela khona ukwenza umsebenzi esake sawenza phambilini,” kusho uNkk Ndelu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMzimkhu­lu aphenya amacala amabili okubulala nelokugqek­ezwa komuzi.

“Siyaqinise­kisa ukuthi abaganene abaneminya­ka engu-72 no-70 badutshulw­e babulawa amadoda angaziwa ngesikhath­i belele. Kuthiwa abasolwa babaleke nemali engadaluli­we,” kusho uCaptain Gwala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa