Abaganene babulawe belele
KUDUTSHULWE kwabulawa abaganene baseMzimkhulu abasolwa ngokuhlala nenqwaba yezingane ezingafundi okuthiwa ziyelashwa esontweni labo.
UMfundisi uNdumiso Jali (72) nonkosikazi wakhe uNkk Noma-India Jali (70) bebandla iCrusade kuthiwa bangenelwe ngamadoda angaziwa ngesikhathi belele ngoLwesibili ebusuku.
Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa ngoba lisaba ukwenzakaliswa lithe udaba lokuhlaselwa kwalaba bashadikazi luxoxelwa phansi endaweni.
Kuthiwa abasolwa babaleke nemali engadalulwanga, abayishaqe emzini kaJali.
“Sisashaqekile ukuthi ngobani laba ababe nesibindi esingaka ukungena emzini kaJali. Ubengumuntu osatshwayo endaweni ngoba ubephila impilo engaqondakali. Bekunezinsolo zokuthi isonto lakhe ngelikaSathane, ubehlale ezivalele. Umuzi wakhe ukakwe yizihlahla ezisondelene okwenza kungabi lula ukubona phakathi. Kunenqwaba yezingane ahlala nazo okungazona ezasendaweni okuthiwa zisuke zizolashwa,” kusho leli lungu.
Lithe bayasola ukuthi uJali ubenemithi njengoba ngo-2013 lezi zingane zashaqwa osonhlalakahle, abazali bazo bahamba icala lokuhlukumeza izingane ngokuziyekisa isikole ukuze ziduve esontweni.
“Asazi kwenzakalani ecaleni ngoba kwadlula izinyangana sabona sezibuyile izingane. Lezi zingane uma uhlangana nazo endleleni bezivele zibaleke. Azifuni ukuphumela obala ngokuthi kwenziwani lapha ezihlala khona. Bezivele zibaleke uma ukhuluma nazo, ungazi noma zadonswa ngendlebe ukuthi zingakhulumi nabantu bangaphandle,” kuqhuba leli lungu.
Isolezwe liqale ukubika ngalolu daba ngo-2012 ngemuva kokuncinzwa indlebe ngamalungu omphakathi ayekhathazekile ngezingane ezingu-63 okuthiwa zaziduve emzini kaJali zingayi ngisho esikoleni. Iminyaka yazo yayilinganiselwa phakathi kuka-8 no-17.
Ngo-2013 liphinde labika ngoJali nabazali bezingane ababehamba icala lokuhlukumeza lezi zingane, ezashaqwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.
Iningi lalezi zingane kwatholakala ukuthi zidabuka e-Eastern Cape, abazali bazo babesebenzela iminyango eyahlukene kahulumeni wakhona.
UJali wayebhekene necala lokuba nesikhungo sezingane esingekho emthethweni nokuvimbela izingane ukuthi ziye esikoleni.
Kuthiwa wayethi lezi zingane ‘zingezikhethekile’ kumele zifunde imfundiso yesonto kuphela.
Akucaci ukuthi kwenzakalani ngecala njengoba abazali bakhishwa ngesexwayiso, uJali wanikezwa ibheyili kaR1 000.
UNkk Ncumisa Ndelu, okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uzwakalise ukushaqeka ngezinsolo zokuthi izingane zabuye zabuyela esontweni likaJali. “Siyalikhumbula udaba lwesonto lakwaJali. Sasebenzisana namaphoyisa izingane sazisusa khona. Ngizothinta ihhovisi lethu elisondelene naleli sonto ukuthola okusha ngalolu daba. Uma kuliqiniso ukuthi izingane zabuyela, sizobuyela khona ukwenza umsebenzi esake sawenza phambilini,” kusho uNkk Ndelu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMzimkhulu aphenya amacala amabili okubulala nelokugqekezwa komuzi.
“Siyaqinisekisa ukuthi abaganene abaneminyaka engu-72 no-70 badutshulwe babulawa amadoda angaziwa ngesikhathi belele. Kuthiwa abasolwa babaleke nemali engadaluliwe,” kusho uCaptain Gwala.