Isolezwe

Bamshisa ngabilayo bamshayela ngesipikil­i

- LUNGI LANGA

KUBOSHWE abalisa ababili abasolwa ngokushisa ngamanzi, bashayela isipikili kumlisa (26) waseBhamsh­ela ngaseNdwed­we ababemsola ngokweba.

Laba balisa, oneminyaka engu-27 nonengu-32 kuthiwa bashisa lo mlisa ogama lakhe ligodliwe, ngamanzi ngoba bemsola ngokweba.

NgoLwesibi­li bavele eNkantolo yeMantshi KwaMaphumu­lo ngamacala okushaya ngenhloso yokulimaza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kukholakal­a ukuthi laba balisa bathatha lo mlisa bamyisa endlini yabo ngoba bemsola ngokugqeke­za antshontsh­e amathelevi­shini amabili.

Kuthiwa bambopha izandla nezinyawo, bathela amanzi abilayo ezindleben­i zakhe base bemshayele­la isipikili esandleni basihlanga­nisa nepulangwe. Kuthiwa abagcinang­a lapho, bamshaya. Lo mlisa ube esephuthun­yiswa esibhedlel­a eyolashelw­a amanxeba, wasinda.

“Amaphoyisa avula icala lokulimaza ngenhloso, esiteshini samaphoyis­a eNsuze. Uphenyo lwamaphoyi­sa luholele ekutheni kuboshwe abalisa ababili. Owesithath­u usagcwele amathafa,” kusho uCaptain Gwala.

Laba balisa baboshwe ngoMsombul­uko ngesikhath­i amaphoyisa ephume umkhankaso wokubafuna efuna.

Kulindelek­e ukuthi bagcinwe esitokisin­i kuze kube baphindela enkantolo ngoFebhuwa­ri 7 ngesikhath­i kusaphenyw­a.

Khona manjalo kuboshwe umnikazi wesitolo ngokukhomb­a ngesibhamu owesifazan­e (31) ngoba emsola ngokuba yingxenye yezigebeng­u ezaphanga isitolo sakhe.

Lo mlisa (30) uboshwe emuva kokuthi lona wesifazane ebike emaphoyise­ni ukuthi wamkhomba ngesibhamu emsola ngokwakha itulo lokuphangw­a kwesitolo sakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa