Isolezwe

Usolwazi ugxeka i-ANC ngolomhlab­a

- MLUNGISI GUMEDE

USOLWAZI Jabulani Maphalala ongusomlan­do ukhwele wadilika kwi-ANC wathi iyishaya emuva naphambili odabeni lokubuyise­lwa komhlaba kubanikazi bawo.

Ethula inkulumo yakhe emhlanganw­eni wamakhosi e-ICC eThekwini izolo, uMaphalala uthe i-ANC ngeke ize iwubuyisel­e umhlaba kubanikazi bawo.

“Baqale bathi umhlaba kumele uthathwe ngaphandle kwezinxeph­ezelo, gwiqiqi sebethi umhlaba kumele uthathwe kodwa akumele kuphazamis­eke umkhiqizo wokudla, baphinde bathi ukuthathwa komhlaba akumele kuphazamis­e umnotho. Konke lokhu kusitshela­ni?” kusho uMaphalala.

Uthe njengoba manje sekuneziph­akamiso zokuthi kuqedwe Ingonyama Trust, leyo mizamo izokwenza izaba ohlelweni lokubuyisw­a komhlaba,

“Bafuna ukuthi manje kunakwe indaba yeNgonyama Trust, ukuze abantu bakhohlwe uhlelo lokuthi kuphucwe abelungu umhlaba,” kusho uMaphalala.

Ubuze ukuthi yingani uhulumeni efuna ukuthatha ingcosana yomhlaba eyasala kuZulu kodwa kube kunomhlaba omningi osezandlen­i zabamhloph­e.

“Yini kumele kuxoxwe indaba yomhlaba owantshont­shwa ngabelungu?” kubuza uMaphalala.

Uthe lo mhlaba kaZulu uhulumeni afuna ukuwudla usemahlath­ini, uyeka umhlaba ovundile ogudle ulwandle osetshenzi­swa ngabelungu.

“Umhlaba uyalwelwa njengoba naKwaZulu walwelwa ezimpini eziningi ezahlukene ezaziwayo emlandweni,” kusho uMaphalala.

Uxwayise uZulu ngokuthi kumele ahlale eqaphile ukuze angazunywa “yimpi”.

“Kwakungcon­o eSandlwana. Impi yakhona yafika siyibhekil­e, lena ngibona sengathi izosigubuz­ela ngoba izoza singazelel­e,” kusho uMaphalala.

Uthe isigungu sobuholi bomdabu kumele siyokhonza eSilweni kubhungwe ngalolu daba lokuthathw­a komhlaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa