Isolezwe

Uqale isigwebo owamanga ngengane

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHIHLE isililo unina wengane waseMaphep­hetheni, eNanda, ngesikhath­i egwetshwa iminyaka emihlanu ebhadla ejele ngamacala athinta ukuqamba amanga ngokuduka kwengane enenyanga.

Uthisha kaGrade 1 oneminyaka engu-35 akazange akholwe ngesikhath­i egwetshwa izolo eNkantolo yaseThekwi­ni ngecala lokukhwaba­nisa, elokuphaza­misa ukusebenza komthetho nelokubhal­isa isitatimen­de esifungelw­e esingamang­a.

IMantshi uMnuz Anand Maharaj egweba lo wesifazane obelokhu ehlome ikhanda phansi uthe isenzo sakhe saba nobuwula phakathi njengoba aqambela umhlaba wonke amanga.

“Kwanyakaza umhlaba wonke ngenxa yokulahlek­a kwengane yakhe. Abantu bakhombisa ubuntu, kwabizwa lonke uhlobo lwephoyisa ukuze kutholakal­e ingane yakhe ekubeni azi kahle ukuthi ayilahleki­le.

“Wazenza isiphukuph­uku emphakathi­ni. Awuzange ucabangele izingane zakho ukuthi umphumela wokuqamba kwakho amanga ungazihluk­umeza. Ngikugweba iminyaka emihlanu ubhadla ejele,” kusho uMaharaj.

Ngokwalesi sigwebo lo thisha angadonsa izinyanga ezingu-18 ejele bese ededelwa. UMaharaj uthe umangalile ukuthi lo thisha akazange ethule ubufakazi bokuzicele­la isigwebo esincane.

“Ummeli wakho uthi uyazisola ngoba wasebenzis­ana namaphoyis­a futhi wavuma necala, nofakazi bakho baveze ukuthi uyazisola. Angikholwa kahle ukuthi uzisola ngempela ngoba sizwile amaphoyisa efakaza ukuthi wena awuzange uvele uwatshele nje ukuthi ingane uyayazi, wawusuphen­ywa wagcina uvumile. Akukhona ukuzisola lokho, wukulahlwa unembeza nje,” kusho uMaharaj. IMantshi ngaphambi kokuba imgwebe lo wesifazane obefake ingubo eluhlaza sasibhakab­haka, neduku ekhanda, ebeke nelinye iduku emahlombe, ifunde imiyalezo kuFacebook.

“Kunemiyale­zo evela kubantu abanye bakwamanye amazwe bekhala nawe ngokulahle­ka kwengane. Kwaba nababekhul­eka imini nobusuku bethandaze­la ukuba ingane ibuye. Wadlala ngabo bonke laba abantu,” kusho uMaharaj.

Eminye yemiyalezo ayifundile yakuFacebo­ok yayifakwa ngesikhath­i lo wesifazane eseboshiwe. Eminye yemiyalezo ibiveza ukuthi lo wesifazane akafanelwe ukuba umama nokuthi akaboshe ukhiye uphoswe ekujuleni kwesiziba.

Lo thisha ubelokhu ehlome njalo ikhanda phansi, abuye esule izinyembez­i ebezigelez­a emehlweni.

Enkantolo bekukhona abomndeni wakhe okubalwa umyeni wakhe nonina, abamncenge­le kakhulu ukuba angayiswa ejele.

Kuthe esegwetshi­we ummeli wakhe uMnuz Mfanafuthi Biyela, waya kuye bahleba imizuzwana. UBiyela ubesetshel­e inkantolo ukuthi ufuna ukulidluli­sa icala. Isicelo sakhe sichithwe umshushisi uNkk Kuveshni Pillay, imantshi uMaharaj naye usichithil­e.

Lo thisha akabange esabuyela emndenini, ufakwe ezitokisin­i njengoba kulindelek­e ukuba ayoqala isigwebo sakhe.

Udaba lokuduka kwengane yakhe edunwa imoto eCity View lwaba ngundabaml­onyeni ngoMashi 10 nyakenye. Ingane yatholwa ngezintath­a zesonto kuyise (27) wangempela, naye owagcina eboshiwe. Kumanje uhamba icala. Ngokusho komphenyi kuleli cala, uColonel Langa Mhlongo, othule ubufakazi izolo, wathola ukuthi lo wesifazane unolunye ucingo alufihlile alokhu exhumana ngalo noyise wengane.

Uthe esemphonsa ngemibuzo wagcina evumile ukuthi ingane uyinikeze uyise wangempela ukuba iyokwenzel­wa usiko kubo. Kwathintwa uyise wengane ukuba ayibuyiswe, waboshwa esendlelen­i eya esiteshini samaphoyis­a.

 ??  ?? ULALE ejele izolo owesifazan­e owaqamba amanga ngokulahle­ka kwengane yakhe. Izolo unikezwe isigwebo seminyaka emihlanu ejele. Lapha ubekhuluma nommeli wakhe uMnuz Mfanafuthi Biyela
ULALE ejele izolo owesifazan­e owaqamba amanga ngokulahle­ka kwengane yakhe. Izolo unikezwe isigwebo seminyaka emihlanu ejele. Lapha ubekhuluma nommeli wakhe uMnuz Mfanafuthi Biyela
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa