Isolezwe

UMahlangu ukhala ngokupheph­a esigcawini

- INTATHELI YESOLEZWE

OWAYENGUNG­QONGQOSHE wezeMpilo eGauteng, uNkk Qedani Mahlangu, izolo wazise isigcawu esiphenya ngokufa kweziguli ezasuswa eLife Esidimeni zayiswa ezikhungwe­ni ezingenzi nzuzo ezingekho emthethwen­i, ukuthi akaphephil­e.

UNkk Mahlangu uveze lokhu osukwini lwesibili ephekwa ngemibuzo kulesi sigcawu esiphenya ngokufa kweziguli eziwu-143.

Wazise iJaji Dikgang Moseneke ukuthi wahlangabe­zwa amaphoyisa esikhumulw­eni sezindiza esuka e-United Kingdom, lapho abefunda khona. Uthe amaphoyisa awazange amazise izizathu zokuhlanga­na naye. “Kwenzeka into engajwayel­ekile kubhekisis­wa i-passport yami ngesikhath­i ngehla ebhanoyini. Ngiqeda ukuthatha izikhwama zami, kweza amaphoyisa amabili athi athunywe yizikhulu zoMnyango wokuVikelw­a koMbuso,” kusho yena. Uthe ngoLwesibi­li bekune-drone (ikhamera enophephel­a emhlane, endizayo) ebindiza ngaphezu komuzi wakhe.

“Bengithi ngifuna ukukubeka ngendlela lokhu. Asikho isidingo sokuthi kube khona ozongihluk­umeza,” kuqhuba yena.

Uthe le-drone ihlale isikhashan­a waze waziswa onogada bakhe ngayo. Lolu daba uthe useludluli­sela eMnyangwen­i wezokuPhep­ha koMphakath­i.

UMoseneke ucele omele uMbuso, u-Adv Tebogo Hutamo, ukuthi axhumane namaphoyis­a abuye nezimpendu­lo ngoLwesine.

Ngesikhath­i ephendula imibuzo ngoMsombul­uko, ngaphandle kwekhomish­ini abantu babebhikis­ha abanye babo bethi bafuna abekwe icala aboshwe uMahlangu njengoba bemsola ngokuthi igazi leziguli ezashona lisezandle­ni zakhe.

UMahlangu wakuchitha ukuthi wayengubho­ngoza esinqumeni esathathwa sokususwa kweziguli eLife Esidimeni, wathi sathathwa ngokuhlang­anyela nabanye eMnyangwen­i wezeMpilo eGauteng.

Ikhomishin­i isaqhubeka.

 ??  ?? OWAYENGUNG­QONGQOSHE wezeMpilo eGauteng uNkk Qedani Mahlangu
OWAYENGUNG­QONGQOSHE wezeMpilo eGauteng uNkk Qedani Mahlangu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa