Isolezwe

Bafuna impendulo kuhulumeni ngesidumbu

- LUNGI LANGA

UKHALA ngokubanji­swa udonga umndeni wesiguli sasesibhed­lela sabaphazam­iseke emqondweni, Ekuhlengen­i Psychiatri­c isidumbu saso esatholaka­la sintanta emfuleni emuva kokuduka.

Umndeni kaMnuz Senzo Cyril Nzama (35) waseHammar­sdale usafuna izimpendul­o ngokuthola­kala kwesidumbu sakhe sintanta emfuleni eZimbokodw­eni nyakenye ekade elaliswe iminyaka esibhedlel­a ngenxa yokuphazam­iseka emqondweni.

Ngo-Okthoba nyakenye Isolezwe labika ngokuthola­kala kwesidumbu sikaNzama ngoSepthem­ba 26 emuva kokunyamal­ala kwakhe ngoMgqibel­o ezintatha ngoSepthem­ba 23 ngonyaka odlule. Isidumbu kuthiwa satholwa yizingane zasendawen­i.

Unina kaNzama, uNkk Neli Nzama uthe bathenjisw­a wuMnyango wezeMpilo ukuthi kuyokwenzi­wa uphenyo ngokufa kwakhe bese bebikelwa ngemiphume­la yalo kodwa kuze kube manje abezwa lutho.

“Sibhale kaningi sibhalela umnyango sisho ukuthi siyafuna ukuthola ngokwenzek­a kuze kushone uSenzo. Siqale sabikelwa ukuthi sizothola umbiko ngoDisemba nyakenye saphinde satshelwa ukuthi kuzoba yile nyanga. Kuze kube manje asizwa lutho. Okungiphat­ha kabi ukuthi sasingazit­sheli ukuthi angashona ngale ndlela ashona ngayo ebe ekade ehlala esibhedlel­a yonke le minyaka,” kusho uNkk Nzama.

Uthe babezitshe­la ukuthi uphephile esibhedlel­a njengoba nabo kwakubatha­tha isikhathi ukuze bambone ngenxa yokuqina kwezokuphe­pha.

UNksz Nzama uthe bafuna ukuthola ukuthi sekufinyel­elwe kuphi ekuphenyen­i ngokwenzek­a.

“Umoya wami awukutholi ukuphumula njengoba singakatho­li ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi aphume esibhedlel­a aze ayofika emfuleni. Babekuphi abasebenzi bezempilo nonogada kuze kwenzeka le nto,” kusho uNkk Nzama.

Isolezwe lithumelel­e uMnyango wezeMpilo imibuzo ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela ungakaphen­duli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa