Bafuna impendulo kuhulumeni ngesidumbu
UKHALA ngokubanjiswa udonga umndeni wesiguli sasesibhedlela sabaphazamiseke emqondweni, Ekuhlengeni Psychiatric isidumbu saso esatholakala sintanta emfuleni emuva kokuduka.
Umndeni kaMnuz Senzo Cyril Nzama (35) waseHammarsdale usafuna izimpendulo ngokutholakala kwesidumbu sakhe sintanta emfuleni eZimbokodweni nyakenye ekade elaliswe iminyaka esibhedlela ngenxa yokuphazamiseka emqondweni.
Ngo-Okthoba nyakenye Isolezwe labika ngokutholakala kwesidumbu sikaNzama ngoSepthemba 26 emuva kokunyamalala kwakhe ngoMgqibelo ezintatha ngoSepthemba 23 ngonyaka odlule. Isidumbu kuthiwa satholwa yizingane zasendaweni.
Unina kaNzama, uNkk Neli Nzama uthe bathenjiswa wuMnyango wezeMpilo ukuthi kuyokwenziwa uphenyo ngokufa kwakhe bese bebikelwa ngemiphumela yalo kodwa kuze kube manje abezwa lutho.
“Sibhale kaningi sibhalela umnyango sisho ukuthi siyafuna ukuthola ngokwenzeka kuze kushone uSenzo. Siqale sabikelwa ukuthi sizothola umbiko ngoDisemba nyakenye saphinde satshelwa ukuthi kuzoba yile nyanga. Kuze kube manje asizwa lutho. Okungiphatha kabi ukuthi sasingazitsheli ukuthi angashona ngale ndlela ashona ngayo ebe ekade ehlala esibhedlela yonke le minyaka,” kusho uNkk Nzama.
Uthe babezitshela ukuthi uphephile esibhedlela njengoba nabo kwakubathatha isikhathi ukuze bambone ngenxa yokuqina kwezokuphepha.
UNksz Nzama uthe bafuna ukuthola ukuthi sekufinyelelwe kuphi ekuphenyeni ngokwenzeka.
“Umoya wami awukutholi ukuphumula njengoba singakatholi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi aphume esibhedlela aze ayofika emfuleni. Babekuphi abasebenzi bezempilo nonogada kuze kwenzeka le nto,” kusho uNkk Nzama.
Isolezwe lithumelele uMnyango wezeMpilo imibuzo ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungakaphenduli.