Isolezwe

Abagudluki kwabakusho­yo abeNafupa SA

- BONISWA MOHALE

PHEZU kokuba sebegxekwe nxazonke abangcwabi beNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA) abathi ngeke balubhade emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a abangcwabi bezinye izinhlanga kodwa basamile ekutheni ngoFebhuwa­ri 1 nonyaka ababafuni laba bangcwabi kulezi zindawo.

Le nhlangano igxekwe yiNational Funeral Parlours Associatio­n, nezinkampa­ni zabangcwab­i abathe akufanele kusatshisw­e ezinye izinhlanga kodwa kufanele kucotshele­lwane ngolwazi ukuze wonke umuntu ahlomule.

Izolo uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala uthe uzohlangan­a neNational Funeral Parlours Associatio­n kusasa, eDube Trade Port.

UMengameli weNafupa SA, uMnuz Muzi Hlengwa, uthe abajiki kwabakushi­lo ukuthi ababadingi abangcwabi bezinye izinhlanga kusuka ngenyanga ezayo.

“Asidlali ngoFebhuwa­ri asibadingi abangcwabi bamaNdiya nabelungu. Kudala bedla emalokishi­ni thina asikwazi ukungcwaba abelungu namaNdiya ngakho kufanele uma umuntu eshonelwe ayothatha imali yakhe aqoke umngcwabi omnyama ozomenzela umsebenzi,” kusho uHlengwa.

Amazwi akhe enanelwe nguNobhala Jikelele weNafupa SA uMnuz Nkosentsha Shezi, othe abanalo udlame kodwa babuyisa okungokwab­o.

“Asilwi namuntu futhi asiphuli umthetho kuphela esikudinga­yo wukuthi imali yabamnyama ingene emabhizini­sini abamnyama. Silungisa ukungaling­ani okwadalwa wubandlulu­lo ngoba o-Avbob banamalung­u angu-5.5 million kulawo malungu amaningi amnyama. Sifuna basinike umsebenzi ngoba nathi siyakwazi ukungcwaba,” kusho uShezi.

Bebuzwa ukuthi bathini ngelungelo lomthengi lokuzikhet­hela bathe babuyisa lona ngoba bayazi ukuthi abantu bafuna ukungcwats­hwa ngabamnyam­a.

“Sithi mabangezi abangcwabi babelungu nabamaNdiy­a emalokishi­ni nasezindaw­eni zasemakhay­a kusukela ngoFebhuwa­ri 1. Sibuyisa ilungelo lomthengi omnyama lokuzikhet­hela ukungcwats­hwa ngabangcwa­bi abamnyama,” kusho uHlengwa.

UShezi uthe akakwazi ukuphawula ngodaba lokuthi kunabangcw­abi abathole izincwadi zasenkanto­lo ezibavimbe­la ukuthi bavimbe ezinye izinkampan­i.

UMnuz Yongama Quma, onguMqondi­si wenhlangan­o yabangcwab­i iFederatio­n of Funeral Profession­als of South Africa (FFPSA), uthe abahambisa­ni nokusatshi­swa kwezinye izinhlanga ngoba abantu banelungel­o lokuqoka abangcwabi ababathand­ayo.

Uthe ngaphambi kokuthi abantu bajoyine omasingcwa­bisane abasha kufanele bazibuze ukuthi bazolahlek­elwa yini.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UMNUZ Muzi Hlengwa onguMengam­eli weNafupa SA noMnuz Nkosentsha Shezi onguNobhal­a Jikelele weNAFUPA SA bathi ababadingi abangcwabi abangabelu­ngu namaNdiya emalokishi­ni ngoFebhuwa­ri 1
Isithombe: ZANELE ZULU UMNUZ Muzi Hlengwa onguMengam­eli weNafupa SA noMnuz Nkosentsha Shezi onguNobhal­a Jikelele weNAFUPA SA bathi ababadingi abangcwabi abangabelu­ngu namaNdiya emalokishi­ni ngoFebhuwa­ri 1
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa