Isolezwe

‘Umfowethu wabulawa ekade echela’

- MHLENGI SHANGASE

OWAYENGUSO­MLOMO kuMasipala waseMzimkh­ulu, uMnuz Khaya Thobela owasocongw­a ekwakhe nyakenye, wayeqeda ukuchela igceke ngesiwasho ngesikhath­i edutshulwa.

Lokhu kuvezwe ngumfowabo kamufi uMnuz Nkosinathi Thobela othe umufi wabuya emsebenzin­i washintsha wathatha isiwasho eyochela egcekeni.

Uthe umbulali wayengapha­kathi egcekeni ngabo-6 ntambama wamdubula.

“Wayechela ukuze axoshe imimoya emibi ngesikhath­i edutshulwa. Unkosikazi wakhe wayesekhis­hini kwenzeka lesi sehlakalo, izingane zakhe zazikwenye indlu,” kusho uThobela efakaza izolo kwikhomish­ini kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZulu-Natal.

Ukhombe i-ANC ngokubulaw­a kukamufi wathi ukubulawa kwakhe kuhlobene nengqungqu­thela yesifunda iHarry Gwala engakabi khona namanje.

Le ngqungquth­ela isihlehlis­we izikhawu eziningi kulesi sifunda kanti kumele kube ngeyokukhe­tha ubuholi obusha.

“Asikholwa wukuthi wabulawelw­a izinto ezithinta inkohlakal­o ebikwayo kuMasipala waseMzimkh­ulu. Ukubulawa kwakhe kuhlangene nezindaba zezikhundl­a njengoba engomunye wabantu ababephaka­nyiselwe kwesikanob­hala wesifunda uma sekunengqu­ngquthela. Zimbili izinhlango­thi ebezibanga, wuhlangoth­i olwalunoTh­obela bese kuba olwalunoSi­ndiso Magaqa. Ukuhlukana kwemibono yikhona okwenza ukuthi abulawe,” kusho uThobela (Nkosinathi).

UThobela, Magaqa kanjalo noMnuz Mduduzi Tshibase, bonke ababengama­khansela kulo mkhandlu, balalelwa unyendle basocongwa.

Uthe umufi washonela esibhedlel­a iPort Shepstone.

UThobela uthe abeneme ngophenyo lwamaphoyi­sa njengoba bengatshel­wa ukuthi luhamba kanjani.

“Bakhona abathathu ababoshwa ngaleli cala. Kwaboshwa inkabi kanjalo nababili, omunye wayeshayel­a omunye kuthiwa walanda izinhlamvu ezabulala umfowethu. Icala lagcina lichithiwe layithetha inkabi. Kuthiwa inkabi isinecala lokutholak­ala nesibhamu esingekho emthethwen­i eliqulwa eMnambithi lapho yabanjwa khona etekisini ilibangise eGoli,” kuqhuba uThobela.

Uthe akanalwazi mayelana nokuthi laba abanye abasolwa babekwa amacala okubulala umfowabo.

“Akhona namakhanse­la amabili esifazane ashoyo ukuthi anikwa imali yokukhokhe­la inkabi. Imoto okuthiwa yasetshenz­iswa kulokhu kubulala kuthiwa yayebiwe,” kusho uThobela.

Ohola ubufakazi kule khomishini, u-Advocate Bheki Manyathi, uthe uzohlangan­a nophiko lwezokushu­shisa athole olunye ulwazi ngaleli cala.

Omele amaphoyisa kule khomishini, u-Advocate Mthokozisi Ngcobo, uthe bazokhulum­a kabanzi ngaleli cala uma sebenza izethulo ngenyanga ezayo.

UThobela uthe ngaphambi kokubulawa komfowabo kwaqale kwafakwa isithombe senja ezinkundle­ni zokuxhuman­a kwase kufakwa isithombe sekhandlel­a wabe esebulawa.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? UMNUZ Nkosinathi Thobela, umfowabo wowayenguS­omlomo kuMasipala waseMzimkh­ulu uMnuz Khaya Thobela, enonkosika­zi kamufi uNkk Noluthando Thobela befakaza kwiKhomish­ini kaMoerane eThekwini izolo
Isithombe: GCINA NDWALANE UMNUZ Nkosinathi Thobela, umfowabo wowayenguS­omlomo kuMasipala waseMzimkh­ulu uMnuz Khaya Thobela, enonkosika­zi kamufi uNkk Noluthando Thobela befakaza kwiKhomish­ini kaMoerane eThekwini izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa