Usathuthumela umndeni wowabe engusomlomo
UNKOSIKAZI wowayengusomlomo kuMasipala waseMzimkhulu uMnuz Khaya Thobela, uNkk Noluthando Thobela (31) uthi basathuthumela namanje ngokusocongwa komyeni wakhe.
UNkk Thobela obekhuluma kwiKhomishini kaMoerane, uthe bebeneminyaka eyisishagalombili bashada nomufi nezingane ezimbili, uThobela unezinye ezimbili.
Uthe ibuhlungu into eyenzeka ngoba washiya ingane enonyaka nezinyanga ezinhlanu.
“Ayikho into esingayenza, kumele impilo iqhubeke nakuba kunzima,” kusho uNkk Thobela.
Ngesikhathi ekhuluma ubelokhu esula amehlo. Uthe umyeni wakhe ubewuthanda kakhulu umndeni wakhe.
“Ngike ngaya kolulekwa ngokomqondo ngemuva kwalesi sehlakalo. Nenye yezingane iyile ukuyolulekwa ngokomqondo ngoba akuvumi idlulise,” kuqhuba uNkk Thobela.
Uthe uThobela washiya ekufundiseni wayoba yikhansela ngokugcwele.
Waqala waba yikhansela lewadi, waba yikhansela elikhethwe yiqembu, waba nguSotswebhu omkhulu we-ANC kuMasipala waseMzimkhulu, wabulawa esenguSomlomo emkhandlwini.
UNkk Thobela uthe umphakathi wawumthanda umufi ngoba wayelimela iqiniso.
“Ungumuntu owayelimela iqiniso noma kuthiwa linjani. Ukube wayeshiya ebukhanseleni wayezobuyela ekufundiseni ngoba wayegogodile enguthisha,” kusho uNkk Thobela.
Uthe akalukhohlwa usuku abulawa ngalo ngoba wangena endlini washintsha wase ephumela emnyango.
Uqhube wathi wadutshulelwa ephakathi nezindlu. Uthi namanje basazibuza ukuthi umbulali wangena kanjani ngoba kunesango futhi kubiyiwe.
IKhomishini kaMoerane ephenya ngokubulawa kosopolitiki iguqile kuze kube uFebhuwari 12.