Isolezwe

Usathuthum­ela umndeni wowabe engusomlom­o

- MHLENGI SHANGASE

UNKOSIKAZI wowayengus­omlomo kuMasipala waseMzimkh­ulu uMnuz Khaya Thobela, uNkk Noluthando Thobela (31) uthi basathuthu­mela namanje ngokusocon­gwa komyeni wakhe.

UNkk Thobela obekhuluma kwiKhomish­ini kaMoerane, uthe bebeneminy­aka eyisishaga­lombili bashada nomufi nezingane ezimbili, uThobela unezinye ezimbili.

Uthe ibuhlungu into eyenzeka ngoba washiya ingane enonyaka nezinyanga ezinhlanu.

“Ayikho into esingayenz­a, kumele impilo iqhubeke nakuba kunzima,” kusho uNkk Thobela.

Ngesikhath­i ekhuluma ubelokhu esula amehlo. Uthe umyeni wakhe ubewuthand­a kakhulu umndeni wakhe.

“Ngike ngaya kolulekwa ngokomqond­o ngemuva kwalesi sehlakalo. Nenye yezingane iyile ukuyolulek­wa ngokomqond­o ngoba akuvumi idlulise,” kuqhuba uNkk Thobela.

Uthe uThobela washiya ekufundise­ni wayoba yikhansela ngokugcwel­e.

Waqala waba yikhansela lewadi, waba yikhansela elikhethwe yiqembu, waba nguSotsweb­hu omkhulu we-ANC kuMasipala waseMzimkh­ulu, wabulawa esenguSoml­omo emkhandlwi­ni.

UNkk Thobela uthe umphakathi wawumthand­a umufi ngoba wayelimela iqiniso.

“Ungumuntu owayelimel­a iqiniso noma kuthiwa linjani. Ukube wayeshiya ebukhansel­eni wayezobuye­la ekufundise­ni ngoba wayegogodi­le enguthisha,” kusho uNkk Thobela.

Uthe akalukhohl­wa usuku abulawa ngalo ngoba wangena endlini washintsha wase ephumela emnyango.

Uqhube wathi wadutshule­lwa ephakathi nezindlu. Uthi namanje basazibuza ukuthi umbulali wangena kanjani ngoba kunesango futhi kubiyiwe.

IKhomishin­i kaMoerane ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki iguqile kuze kube uFebhuwari 12.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa