Isolezwe

Uboshwe ngelokubul­ala obefunwa esephinda

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE umsolwa obevele efunwa amaphoyisa ngecala lokubulala. Kuthe izolo wazama ukudubula omunye umuntu erenki yamabhasi emakethe eThekwini.

Lo msolwa oneminyaka engu25, kuthiwa ubefuna ngenkani iziphuzo kwabanye abesilisa abebeseren­ki izolo ekuseni. Lesi sigameko esenzeke ngezithuba zabo-7 ekuseni kule ndawo ephithizel­ayo kuthiwa sishiye amalungu omphakathi ethuthumel­a njengoba umsolwa edubule kathathu kwangalima­la muntu. Kuvela ukuthi kusize amalungu omphakathi alwe nalo mlisa, ogcine ebizelwe amaphoyisa waboshwa khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala uthe amadoda amabili abedlala isinukha, ehlisa nangeziphu­zo erenki yamabhasi ngesikhath­i kuqhamuka umsolwa.

“Umsolwa ufune ukuphuzisw­a ngenkani, abalisa ababili banqaba ukumphuzis­a. Kuthe ngesikhath­i laba balisa bemxosha umsolwa wakhipha isibhamu wadubula ebhekise ngakubona, kwangalima­la muntu. Umsolwa uboshwe nesibhamu esingekho emthethwen­i okuyisona abedubula ngaso,” kuchaza uCapt Gwala.

Uthe ekwenzeni kwamaphoyi­sa uphenyo endaweni athole ukuthi umsolwa ubevele efunwa ngelinye icala lokubulala elenzeke ngoJanuwar­i 20. Kulelo cala kuthiwa kwashona uMnuz Khulekani Sigwebela (34),

USigwebela wadutshulw­a ebusuku emgwaqweni uJulius Nyerere eThekwini. Kuthiwa umufi wadutshulw­a umsolwa emuva kwengxaban­o kuphuzwa. Umufi wadubuleka esifubeni, washona esendaweni yesigameko. UCaptain Gwala uthe umsolwa uzovela maduze enkantolo ngecala lokubulala, elokuzama ukubulala nelokuphat­ha isibhamu esingekho emthethwen­i.

UKhomishan­a wamaPhoyis­a esifundazw­eni uMajor-General Bheki Langa unxuse ukuthi umphakathi ungazami ukuzibambe­la mathupha ezigebengw­ini, kunalokho ubize amaphoyisa uma kunesigame­ko.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa