Isolezwe

Inkinga yomhlaba kuhlukunye­zwa abantu

-

ngoba siyakholwa ukuthi umndeni wakwaLembe­de uhleli kabuhlungu futhi lokhu kusazoqhub­eka njengoba uhlelo lokubuyise­lwa komhlaba luhamba kancane nje,” kusho uMajozi. Uthe ukuhlangan­a kwezinhlan­gano ezehlukene zizophikis­a isicelo sebheyili yingoba zikuqonda ukuthi abalimi bahlukumez­a bonke abantu abamnyama kungakhath­alekile ukuthi bakuyiphi inhlangano. UMnuz Mlungisi Dlamini oyikhansel­a le-ANC ku-ward 1 kuMasipala waseMshwat­hi lapho iCraigs Farm ikhona, uthe inkantolo ibuyise isithunzi sayo ngokunqabe­la uSolomon ibheyili.

“Bese sibona sengathi njalo izinkantol­o zihlale zizwelana nabalimi uma zithatha izinqumo emacaleni avulwe ngabahlala emapulazin­i, abhekene nabalimi,” kusho uDlamini.

UNkk Irena Mbanjwa, unina kamufi uthe isinqumo senkantolo simjabulis­ile kodwa usekude ukukhohlwa yisihluku esenziwe umlimi oke waba ngumqashi wendodana yakhe.

“Ukhombise unya, emdubula ezongcwaba engalwi. Uma esebuzwa enkantolo ukuthi uyamazi yini, waphika walala ngomhlane wathi wabona abantu angabazi. Ngiyethemb­a ukuthi inkantolo uma seliqulwa leli cala izophinde yenze ubulungisw­a,” kusho uNkk Mbanjwa.

UMnuz Gcino Shabalala weLandless People Movement eMidlands, uthe kubukeka sengathi abalimi basahambel­a kude nabahlala emapulazin­i njengoba kungekho inhlangano yabalimi eke yaphawula ngalesi sigameko.

“Ngakolunye uhlangothi bathi asisebenzi­sane kodwa njengoba kwenzeke lesi sigameko asikuboni lokho kubambisan­a,” kusho uShabalala.

UNkk Nokuthula Mthimunye, we-Associatio­n for Rural Advancemen­t (Afra), uthe ukwehlulek­a kweKhomish­ini yezokuBuyi­swa komhlaba ukwenza umsebenzi wayo kuholela ezigamekwe­ni ezifana nesenzeke kwaLembede ukuthi unqatshelw­e ukungcwaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa