Inkinga yomhlaba kuhlukunyezwa abantu
ngoba siyakholwa ukuthi umndeni wakwaLembede uhleli kabuhlungu futhi lokhu kusazoqhubeka njengoba uhlelo lokubuyiselwa komhlaba luhamba kancane nje,” kusho uMajozi. Uthe ukuhlangana kwezinhlangano ezehlukene zizophikisa isicelo sebheyili yingoba zikuqonda ukuthi abalimi bahlukumeza bonke abantu abamnyama kungakhathalekile ukuthi bakuyiphi inhlangano. UMnuz Mlungisi Dlamini oyikhansela le-ANC ku-ward 1 kuMasipala waseMshwathi lapho iCraigs Farm ikhona, uthe inkantolo ibuyise isithunzi sayo ngokunqabela uSolomon ibheyili.
“Bese sibona sengathi njalo izinkantolo zihlale zizwelana nabalimi uma zithatha izinqumo emacaleni avulwe ngabahlala emapulazini, abhekene nabalimi,” kusho uDlamini.
UNkk Irena Mbanjwa, unina kamufi uthe isinqumo senkantolo simjabulisile kodwa usekude ukukhohlwa yisihluku esenziwe umlimi oke waba ngumqashi wendodana yakhe.
“Ukhombise unya, emdubula ezongcwaba engalwi. Uma esebuzwa enkantolo ukuthi uyamazi yini, waphika walala ngomhlane wathi wabona abantu angabazi. Ngiyethemba ukuthi inkantolo uma seliqulwa leli cala izophinde yenze ubulungiswa,” kusho uNkk Mbanjwa.
UMnuz Gcino Shabalala weLandless People Movement eMidlands, uthe kubukeka sengathi abalimi basahambela kude nabahlala emapulazini njengoba kungekho inhlangano yabalimi eke yaphawula ngalesi sigameko.
“Ngakolunye uhlangothi bathi asisebenzisane kodwa njengoba kwenzeke lesi sigameko asikuboni lokho kubambisana,” kusho uShabalala.
UNkk Nokuthula Mthimunye, we-Association for Rural Advancement (Afra), uthe ukwehluleka kweKhomishini yezokuBuyiswa komhlaba ukwenza umsebenzi wayo kuholela ezigamekweni ezifana nesenzeke kwaLembede ukuthi unqatshelwe ukungcwaba.