Isolezwe

Umlimi unqatshelw­e ibheyili

- PHILI MJOLI

UNQATSHELW­E ibheyili umlimi waseCramon­d osolwa ngokudubul­a abulale ohlala epulazini lakhe bebanga ukungcwaba ilungu lomndeni.

UMnuz Edward Phillip Walter Solomon, ongumnikaz­i wepulazi iCraigs Farm eyingxenye ye-Otto Bluff Farm, unqatshelw­e ibheyili yinkantolo yeMantshi yaseNew Hanover izolo.

USolomon usolwa ngokudubul­a abulale uMnuz Mothi Ngubane (42) nokuzama ukubulala uMnuz Mondli Lembede.

IMantshi, uNkk Fikile Luvuno ithe ukudedelwa kukamsolwa ngebheyili kuzophazam­isa ukuthula emphakathi­ni ohlala kuleli pulazi.

Ngaphandle kwalokho uthe azikho izizathu ezinqala ezibekwe uSolomon enkantolo ezingenza ukuthi akhululwe ngebheyili. “USolomon ukhethe ukungazikh­ulumeli wabhala isitatimen­de esifungelw­e ebesifundw­a ngummeli wakhe enkantolo. Kube nzima ukuthi uhlangothi loMbuso lukwazi ukumfaka imibuzo ngoba ubengazikh­ulumeli. Uma ufaka isicelo sebheyili kumele wena nommeli wakho nidalule wonke amacala oke wagwetshel­wa wona nosawahamb­a kodwa uSolomon akakwenzan­ga lokho. Esitatimen­deni sakhe uthe akakaze agwetshwe kodwa kwabuye kwavela ukuthi uke wavuma icala wakhokha inhlawulo.”

Imantshi ithe umphenyi wecala, uWarrant Officer Sibusiso Mchunu, uthe kwaphela amahora amabili ngaphambi kokuthi uSolomon azinikele emaphoyise­ni ayesesemzi­ni wakhe onamasango amathathu ahlale evaliwe.

“Inkantolo uma ithatha isinqumo iye ibheke ukuthi umsolwa uziphathe kanjani ngesikhath­i eboshwa, ukuziphath­a kukaSolomo­n ngalolu suku akugculisi. Okunye okushayisa­nayo ngukuthi uSolomon esitatimen­deni sakhe uthe angakwazi ukukhokha u-R5 000. Uma uqhathanis­a umonakalo owenzekile nale mali kufana nokuthi uthi akafuni kukhokha lutho. Ngakolunye uhlangothi ummeli wakhe, uAdvocate Brett Osborne uthe angakhokha noma yimalini.”

Uthe umseshi kuleli cala uthe uphenyo alukapheli okusho ukuthi ukukhululw­a kwakhe kungenzeka kuphazamis­e uphenyo.

 ?? Isithombe: PHILI MJOLI ?? UMPHAKATHI obujabulel­a ukunganikw­a ibheyili komlimi osolwa ngokubulal­a owayezongc­waba epulazini lakhe nyakanye
Isithombe: PHILI MJOLI UMPHAKATHI obujabulel­a ukunganikw­a ibheyili komlimi osolwa ngokubulal­a owayezongc­waba epulazini lakhe nyakanye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa