Isolezwe

Kukhuthazw­a ukusebenzi­sana kwi-ANC

- BONISWA MOHALE

IZAZI zepolitiki ezizimele zithi ubuholi besikhasha­na obubhekele­le izinhlelo ze-ANC KwaZulu-Natal kufanele busebenzis­ane ngoba izinsuku ezingu-90 zincane kakhulu ukulungisa umonakalo odalwe wuqhekeko lwango-2015.

Ubuholi besikhasha­na buzoholwa nguMnuz Michael Mabuyakhul­u oqokwe njengoMdid­iyeli okungumseb­enzi ofana nokaSihlal­o. Bese umxhumanis­i (Co-ordinator) kube wuMnuz Sihle Zikalala.

Amanye amalungu obuholi besikhasha­na be-ANC KwaZuluNat­al ngoMnuz Willies Mchunu, Nkk Peggy Nkonyeni, Nkk Maggie Govender, Mnuz Super Zuma, Mnuz Mluleki Ndobe, Mnuz Cyril Xaba, Nkk Nomusa Dube-Ncube, Mnuz Nhlakaniph­o Ntombela, Mnuz Bheki Mtolo, Mnuz Mxolisi Kaunda, Mnuz Mdumiseni Ntuli, Nkk Nomagugu Simelane-Zulu, Nkk Bongi Moloi noNkk Makhosi Ntuli.

Isazi sepolitiki esizimele uMnuz Thabani Khumalo sithe umyalezo wobuholi bukazwelon­ke we-ANC uthi makusetshe­nziswane, yingakho kuqokwe abantu bezinhlaka ebezingabo­ni ngasolinye.

“Siyathemba abantu bazobuseka ubuholi besikhasha­na futhi kufanele buye ezifundeni ze-ANC nasemagats­heni bugqugquze­le ubumbano. Ngokwami ukubona ubuholi obuqokiwe abunakho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi busebenzis­ane ukuze umbutho uqhubekele phambili,” kusho uKhumalo.

Uthe izinyanga ezintathu zincane uma ubheka ukuthi iKwaZulu-Natal inamagatsh­a angaphezu kuka-700.

“Angazi ukuthi kujahweni ngezinyang­a ezintathu ngoba amagatsha aKwaZulu-Natal maningi kakhulu. Kufanele abaholi baxoxisane namalungu kuzo zonke izinhlaka ukuze amalungu abuyisane ngaphambi kokuthi kube nengqungqu­thela,” kusho uKhumalo.

UMnuz Bukani Mngoma ongumhlazi­yi wepolitiki ozimele uthe abanye bangathi uma bebuka uhlu lwabaholi abaqokiwe bazitshele ukuthi mhlawumbe lusasebenz­a nohlangoth­i oluthile njengoba kusekhona obenguSihl­alo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala, obenguNobh­ala uMnuz Super Zuma nabanye.

“Engikubona­yo wukuthi kuqokwe abantu asebeke basebenzis­ana phambili futhi bonke ngabaKwaZu­luNatal. Ngokwami ukubona kukhona abaholi bazo zonke izinhlaka, bazophoqel­eka ukuthi basebenzis­ane ngoba uma bengabambi­sene akekho ozophumele­la kubona,” kusho

 ??  ?? MAKHOSI NTULI
MAKHOSI NTULI
 ??  ?? WILLIES MCHUNU
WILLIES MCHUNU
 ??  ?? MDUMISENI NTULI
MDUMISENI NTULI
 ??  ?? CYRIL XABA
CYRIL XABA
 ??  ?? PEGGY NKONYENI
PEGGY NKONYENI
 ??  ?? BHEKI MTOLO
BHEKI MTOLO
 ??  ?? NOMUSA DUBE-NCUBE
NOMUSA DUBE-NCUBE
 ??  ?? MAGGIE GOVENDER
MAGGIE GOVENDER
 ??  ?? NHLAKANIPH­O NTOMBELA
NHLAKANIPH­O NTOMBELA
 ??  ?? SIHLE ZIKALALA
SIHLE ZIKALALA
 ??  ?? MIKE MABUYAKHUL­U
MIKE MABUYAKHUL­U
 ??  ?? SUPER ZUMA
SUPER ZUMA
 ??  ?? MXOLISI KAUNDA
MXOLISI KAUNDA
 ??  ?? BONGI MOLOI
BONGI MOLOI
 ??  ?? MLULEKI NDOBE
MLULEKI NDOBE
 ??  ?? GUGU SIMELANE -ZULU
GUGU SIMELANE -ZULU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa