Isolezwe

Bayavutha abafundi abafuna ukubhalisa e-Unisa

- MHLENGI SHANGASE

KUPHAZAMIS­EKE ukuhamba kwezimoto ngasenyuve­si i-Unisa eThekwini izolo, abafundi bevuke umbhejazan­e bekhala ngokungakw­azi ukuthola izidingo njengoba abasebenzi betelekile.

Isiteleka sabasebenz­i singenele esontweni lesibili kule nyuvesi kulandela ukumisa nse ukusebenza ngabaseben­zi befuna ukunyuselw­a amaholo.

UMgcinimaf­a womkhandlu wezitshude­ni uMnuz Nkanyiso Zwide, uthe bamise nse ukuhamba kwezimoto ngoba befuna ukusizakal­a.

Uthe umqashi nabasebenz­i kumele bahlangane bathole isixazulul­o ukuze bakwazi ukuqhubeka babhalise.

“Kunabafund­i abasuka kude abangakwaz­i ukubhalisa ngenxa yesiteleka. Enyuvesi kuthiwa ababhalise ngeinterne­t ngenxa yalesi siteleka kodwa abanye bayahlulek­a. Siyabasiza kodwa ezinye izinto zidinga abantu basenyuves­i ekubeni kungekho muntu ngenxa yesiteleka,” kusho uZwide.

Uthe nanamhlanj­e bayaqhubek­a nombhikish­o wabo ngoba bafuna ukubhalisa.

“Sifuna ukuthola nangendaba yoxhaso lwezimali, manje kume nse yonke into. Abafundi abeze nje bezobhikis­ha ukuze sizwakalis­e ilaka lethu mayelana nokuthi aseneme ngendlela izinto ezenzeka ngayo ngoba yisonto lesibili leli kutelekiwe,” kusho uZwide.

Izingxoxo phakathi kwabaseben­zi kanjalo nabaphathi base-Unisa ziyaqhubek­a. Akukhona kule nyuvesi kuphela okutelekiw­e kuyona kodwa naseDurban University of Technology (DUT) umbhikisho ungenele esontweni lesibili.

UNksz Noxolo Memela, wezokuxhum­ana eDUT, uthe bazimisele ukuthola isixazulul­o esiteleken­i.

Uthe kuneziphak­amiso ezinikwe abasebenzi okuwu5.5% wokunyusa amaholo, esesibili ukunyusa amaholo ngo5.75% no-5.75% womhlomulo wokuthenga izindlu kanjalo nebhonasi.

Uqhube wathi kubuye kwaphakany­iswa nokunyusa umholo ngo-6% kanjalo nomunye u-6% wokunyusa umhlomulo wokuthenga izindlu.

Namhlanje abaphathi bale nyuvesi babize isithangam­i sabezindab­a lapho bezocacisa khona ngezinto ezithinta isiteleka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa