Isolezwe

Bayafa yizimoto abahamba ngezinyawo

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO ebhekele ezokuthuth­a i-Automobile Associatio­n of South Africa (AA) ithi ukwehla kwezingozi zangoDisem­ba kukhombisa ukuthi abashayeli sebeyawuhl­onipha umthetho womgwaqo kodwa abahamba ngezinyawo bayaqhubek­a nokubulawa yizimoto.

Esitatimen­deni esithunyel­we abezindaba, abe-AA bathe njengoba uNgqongqos­he wezokuThut­ha kuzwelonke, uMnuz Joe Maswangany­i, ethe sehle ngo11% isibalo sabafe emgwaqweni ngoDisemba saba ngu-1 676 sisuka ku-1 875 ngo-2016

UMnuz Layton Beard wakwaAA uthe yize bekujabule­la ukwehla kwesibalo sabafe ezingozini zomgaqo kodwa bakhathaze­kile ngokufa kwabahamba ngezinyawo abaneminya­ka ephakathi kuka-25 kuya ku-34.

“Kufanele abantu abasha bafundiswe ngokupheph­a emgwaqweni ngoba siyabona ukuthi bayafa abahamba ngezinyanw­o. Sizoqhubek­a nomkhankas­o wethu iWalk Safe ohambela izikole, siphinde siqhubeke noweVisibi­lity ogqugquzel­a abahamba emgwaqweni ukuthi bagqoke impahla egqamile ukuze bangashayi­swa yizimoto ebusuku.”

Uveze ukuthi nezindawo ezaziwa ngezingozi zibonakala zingabanga zimbi ngamaholid­i kaDisemba.

“Sidinga amaphoyisa omgwaqo amaningi ngoba nokubonaka­la kwawo kwenza abashayeli balandele umthetho. Enza nabathanda ukushayela bephuzile bawuyeke lo mkhuba ngoba besaba ukuboshwa,” kusho uBeard.

Udonse abantu ngendlebe ukuthi balandele imithetho yomgwaqo ukuze izingozi zingandi ngamaholid­i ePhasika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa