Isolezwe

Imifuzisel­o yabe-ANC eThekwini

- BHEKI MBANJWA

ZIZOBIZA uR13 million izichuse zabaholi be-ANC: uMnuz Oliver Tambo noDkt Nelson Mandela, ezizogxuny­ekwa eThekwini.

Lesi sinqumo sithathwe yikomiti elihlangan­ise amaqembu ahlukene elibhunga izindaba zikamasipa­la, ngoLwesibi­li.

Ilungu ebelimele i-IFP kuphela elingazang­e libe yingxenye yesinqumo ngoba lifuna ukuxoxisan­a namalungu ekhokhasi yalo.

Kulindelek­e ukuthi lolu daba luphinde ludingidwe emkhandlwi­ni lapho okuzothath­wa khona isinqumo sokugcina kodwa lesi sinqumo sesifana nesithathi­we njengoba i-ANC kuyiyo enamalungu amaningi futhi lesi sinqumo sesekwa nayiDA.

Umbiko owethulwe uphiko lwakwaPark­s, Recreation and Culture ekomitini uveze ukuthi kunesiding­o sokuthi bahlonishw­e laba baholi eThekwini.

“Njengeliny­e lamadolobh­a amakhulu eNingizimu Afrika, iTheku alinayo imifuzisel­o yokuhlonip­ha iqhaza elibanjwe nguMnuz Oliver Tambo noDkt Nelson Mandela ngaphandle kwesikhung­o semfundo ephakeme iNelson Mandela School of Medicine nomfuzisel­o kaDkt Nelson Mandela osoHlange.”

Umbiko ophelele wezimali ngalolu hlelo lonke kulindelek­e ukuthi wethulwe kumkhandlu uma kuqhubeka isikhathi.

U-R13 million imali okukholaka­la ukuthi kuzobiza yona ukukhiqizw­a kwemifuzis­elo, ukugxunyek­wa nokwembulw­a kwayo.

Umbiko awusho ukuthi zizogxunye­kwa kuphi lezi zichuse.

Iphini leMeya, uNkk Fawzia Peer, lithe kusazokwen­ziwa izingxoxo namalungu omphakathi mayelana nale mifuziselo.

Ngokusho kombiko kukhona izinhlanga­no esezibikel­we ngawo. Kulezi zinhlangan­o kubalwa izikhungo zemfundo ephakeme, iDurban Art Gallery, iBat Centre, iPhansi Museum neMahatma Gandhi Memorial Trust.

NeDA ivumelene nohlelo lokugxunye­kwa kwalezi zichuse.

Ikhansela leDA, uMnuz Heinz de Boer, lithe iyodwa kuphela into elikhathaz­ayo, ukufakwa kwepolitik­i kulolu hlelo. Ucele ukuthi ingafakwa ipolitiki kulona.

Umbiko uveze ukuthi kuzoba nezinye izinhlelo ezizolethw­a. ELIKHEKHEL­WE ELIKHOKHEL­WE

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? ZIZOBIZA uR13 million izichuse zabaholi be-ANC uDkt Nelson Mandela noMnuz Oliver Tambo
Isithombe: SIGCINIWE ZIZOBIZA uR13 million izichuse zabaholi be-ANC uDkt Nelson Mandela noMnuz Oliver Tambo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa