Isolezwe

Bandile abasha ababe nezindlu

- BONISWA MOHALE

UCWANINGO lwakwaFNB lokuthengw­a kwezindlu luveza ukuthi siyanda isibalo sabathenga izindlu ngokokuqal­a eGauteng uma kuqhathani­swa nezinye izifundazw­e.

UMnuz John Loos obhekele ezokutheng­wa kwezindlu kwaFNB, uveze ukuthi abathenga izindlu okokuqala bathenga kakhulu eGauteng njengoba bebone u-26% uzithenga nyakenye uma kuqhathani­swa no-2% ozithenge ngo-2014.

“Ngo-2017 sibone isibalo sabathenga izindlu siya ku-20.27% ngenxa yesimo sezomnotho. IGauteng yikuyo okuvela ukuthi imizi ithengwa kakhulu ngabantu abathenga okokuqala. Sithole isibalo sabathenge imizi okokuqala eGauteng sisuke ku-21.6% ngo2016 saya ku-25.9% ngo-2017. ETshwane ukuthengwa kwezindlu kusuke ku-23.75% kwaya ku-26.7% ngonyaka odlule,” kusho uLoos.

Uthe okwenza izindlu zithengwe kakhulu eGauteng wukubiza kahle uma ziqhathani­swa nakwezinye izifundazw­e.

“Ezifundazw­eni ezigudle ulwandle sithole ukuthi ukuthi izindlu azithengwa kakhulu. EThekwini naseNelson Mandela Bay sithole ukuthi abathengi bebe ngu-19.6% ngo-2016 baba ngu-17% ngonyaka odlule. EThekwini bebe ngu-20.5% ngo-2016 kanti ngonyaka odlule babe ngu-14.7%,” kusho uLoos.

Uthe eCape Town abathenga izindlu ngokokuqal­a behle kakhulu ngenxa yokuthi imizi yakhona imba eqolo.

“Abantu abathenga izindlu okokuqala behlile eminyakeni eyisishiya­galolunye edlule eCape Town njengoba ngo-2015 babe ngu-18.39%, baba ngu12.8% ngo-2016 kwathi ngonyaka odlule baba ngu-7.5%.”

Uthe abantu abathenga imizi ngokokuqal­a eGauteng baneminyak­a eko-36 kanti e-Eastern Cape, eThekwini naseWester­n Cape abathenga imizi ngokokuqal­a baneminyak­a eko-39.

“Esikubonil­e wukuthi abantu bayayithen­ga imizi futhi iningi lisebenzis­a amabhondi okusho ukuthi linamaphep­ha obunikazi,” kusho uLoos.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa