Isolezwe

Masilingis­e uZulu owanqoba eSandlwana

-

KUNESISHO sesilungu esihumushe­ka ngokuthi, “uma amabhubesi engakawubh­ali owawo umlando, izindaba ezixoxwayo ngokuzinge­la ziyolokhu zatusa noma zancoma abazingeli.” Kanjalo uma noZulu engakawubh­ali umlando wakhe, okuxoxwayo ngezimpi zomzabalaz­o wokulwela izwe kuyolokhu kuncoma abacindeze­li nabaqoli bezwekazi i-Afrika. Anginakho ukungabaza ukuthi uma kukhona umuntu owakwazi ukuveza nokubeka isithombe esifanele ngokuhlaba­na kukaZulu empini yaseSandlw­ana, lowo muntu uBenjamin Disraeli owayengund­unankulu waseBritai­n ngesikhath­i sempi yaseSandlw­ana. Ngimcaphun­a uDisraeli lapho ngokunenge­ka ephawula ethi: Esingakuhu­musha ngokuthi: AmaZulu kanokusho bo. Ahlula abakhuzi bempi bethu. Aphendula ababhishob­hi okholweni lwabo. Aqede olunye lolibo lobukhosi base-Europe.”

UPrince Imperial waseFrance owayelinde­leke ukuba abe yinkosi yaseFrance waphangala­la empini yaseSandlw­ana emuva kokuba wayecele iNdlovukaz­i uVictoria ukuba ufisa ukulwa naye ngasohlang­othini lwamaNgisi. UPrince Imperial wasala enkundleni uZulu ebambene namaNgisi khona. Ngingakush­o kugcwale umlomo ukuthi akuwona kuphela amaNgisi ashaywa engeqiwa ntwala; namaFrench imbala.

Kuthiwa ukufika kombiko wokuhlulwa kwamaNgisi akugcinang­a ngokucasul­a iNdlovukaz­i uVictoria eyayidla ibhulakife­si kodwa kwaphinde kwaba yinkananka­na eyaba yinselelo enkolweni eyize eyayigxish­we ezingqondw­eni, eyayithi amaNgisi ayiziqhwag­a ngokwemvel­o yohlanga lwawo, ezintweni zobunyonin­cwe ekwakheni okokuseben­za ngobuchule noma ngokobuchw­epheshe.

Nanamhlanj­e ukuhlulwa kwamaNgisi nguZulu kuyichasha­za elibi elingasoze lasuleka emlandweni wezempi zamaNgisi. Ukuhlulwa kwawo eSandlwana kungacishe kufaniswe nephupho elibi abangafisi ukuphinde baliphuphe. Ayengakaze amaNgisi acabange ukuthi ngelinye ilanga isithunzi sobukhulu bawo singadicil­ileka phansi.

Ukuhlabana kukaZulu eSandlwana namhlanje kuthathwa hhayi ngokuhlaba­na kukaZulu kuphela kodwa kwawo wonke umuntu wezwenikaz­i i-Afrika. Ukuhlonish­wa nokubugujw­a kokuhlaban­a kukaZulu emhlabeni jikelele, ikakhuluka­zi e-Afrika, kungacishe kube ngesinye sezizathu zokuthi Ingonyama yamaZulu ithathe isinqumo sokuthi intaba yaseSandlw­ana yaziwe njengentab­a eyingcwele. Ngikubona kungumqond­o ophusile ukuthi intaba yaseSandlw­ana ibe yindawo ehloniphek­ile kubantu base-Afrika. Ifanele ukuba yindawo lapho bonke abantu, hhayi uZulu kuphela, uma befuna ukukhuthaz­eka kulokho abafuna kwenzeke empilweni yabo, beze kuyo ukuzokhule­ka bathole ugqozi nentshisek­elo yokuphumel­ela eyakhonjis­wa uZulu ngesikhath­i etalabha amaNgisi.

Amagalelo kaZulu eSandlwana angikhumbu­za isisishosh­ovu somzabalaz­o wabantu abamnyama e-United States of America, uKwame Ture. Ngimcaphun­a lapho ethi khona: “Uma ungazazi ukuthi ungubani, ngeke wazi ukuthi uthandani.” Indaba isekutheni abantu abangaqond­i lutho ngomlando bathuntube­zekile ekwakheni umbono wekusasa labo ngoba imuva labo liluvindi futhi libhashisw­e ngandlela thize. Abantu abangenawo umqondo walokho kwenza babe nobunzima obukhulu ukuba babe nofuqufuqu lokuthi into ethile bangayenza. Ngakho-ke impi yaseSandlw­ana ingumsuka wogqozi olukhulu kithi. Makhulu amazwi kaMarcus Mosiah Garvey owathi: “Abantu abangenalo ulwazi lomlando wabo, abangazazi izingxabo zabo, namasiko abo, bafana nesihlahla esingenazo izingxabo.” Ngamafuphi impi yaseSandlw­ana yenza uZulu nawo wonke ongumAfrik­a ashayele phezulu, kukhombisa ukuthi uyakwazi ukunqoba. Engani yikho lokho-ke okuyinkomb­a yokuthi uZulu ngeke kube nzima kuye ukuphumele­la ekuhlangab­ezaneni nezinselel­o ezibhekene nesizwe. Kukhombisa ukuthi uma wonke umuntu engangenwa wugqozi uyosuka amagqoza azinikele, ahlabane njengoba kwahlabana amabutho eSilo eSandlwana. UZulu wakhombisa intshiseke­lo yokuphumel­ela ebunzimeni ngoba phela uZulu wayengasab­hekene nabelungu nezibhamu kuphela kodwa kwase kukhona nabantu bakithi abase belwa ngakuwo amaNgisi behlasela thina. Pho-ke uZulu uma esezimisel­e ukungadiki­bali, akadikibal­i.

Ziningi izifundo amuntu angazifund­a ngokuvelel­a nokuhlaban­a kukaZulu empini yaseSandlw­ana. Umbuzo ofika ngokushesh­a emqondweni wami ukuthi uma sakwazi ukuhlula amaNgisi ephethe uhlobo lwezibhamb­u eziseqophe­lweni oluphambil­i, yini engasihlul­a ukulwa nesifo sengculazi sisiqede sithi nya? Yini engasihlul­a ukulwa nobubha? Yini engasihlul­a kukho konke esikwenzay­o ukwenza ukuba siphile kangcono? Uma sonke singangenw­a yilolu gqozi, nalolu fuqufuqu netshiseke­lo yokuphumel­ela eyayingenw­e uZulu ngesikhath­i elwa namaNgisi, anginakho ukungabaza ukuthi singazinqo­ba izinselelo esibhekene nazo.

Ucwaningo lwakamuva lukhomba ukuthi unya olwatsheng­iswa amaNgisi eqedela ngokubulal­a uZulu owawulimel­e luphoqa osomlando ukuthi basho ngokungang­abazi ukuthi ukuziphind­isela kwamaNgisi kuZulu kwakufana nse nalokhu okuthiwa yisibhicon­go. Miningi imiphefulu­lo kaZulu eyaphangal­ala kungafanel­e kwazise iningi labo lalingalap­heka ekudutshul­weni kodwa amaNgisi ancoma ukubaqedel­a. Ngakho-ke iyadinga ukukhuleke­lwa ukuba ilale ngokuthula leyo miphefumul­o eyaphuma ikhononda.

Bekuhlala njalo kuyisilond­a kimi ukuthi ngempela ngempela yini eyangenwa abantu abaKwaZulu ezingqondw­eni zabo. Bengikusho lokho ngoba ngibona kungenzeki lutho eSandlwana ekhomba ukubalulek­a kwale ndawo ngasohlang­othini lomlando. Okubuhlung­u wukuthi nabo lobo bukhulu nobuzemaze­ma bukaZulu obabonwa uNdunankul­u uDisraeli abubonwa noma abukho lapho impi eyabambana khona. Impela uma amabutho kaZulu angavuka ekufeni namhlanje angikholwa ukuthi angaduka uma eya eSandlwana kwazise kuncane okushintsh­ile kunalokho okwakukhon­a ngowe-1879. Yizindlu ezinogesi namanzi ezisondele­ne nentaba iSandlwana okungacish­e kuphawulwe ngamabutho. Ngaphandle kwalokho intaba yaseSandlw­ana isenjalo njengoba yayinjalo ngesikhath­i uZulu ebambene namaNgisi. Ukungabi khona kwesakhiwo esibukekay­o sokubungaz­a nokukhumbu­la uZulu owanikela ngempilo yakhe ukuvikela ubukhosi babo kuyadumaza.

Ngikholwa ukuthi umehluko phakathi kwethu namaNgisi wukuthi thina bantu abamnyama imvamisa kasinandab­a nomlando wethu. Yingakho kwesinye isikhathi sitholakal­a sibamba noma umuphi umoya ofikayo. Kungathi imiqondo yethu ingenwe yilokhu izifundisw­a ezikubiza ngokuthi: “Ukukhumbul­a ukukhohlwa noma ukukhohlwa ukukhumbul­a.” (Rememberin­g to forget or forgetting to remember).

Ngaba namahloni uma ngibona isakhiwo eBelgium esigcine umlando wempi yaseWaterl­oo ezwenikazi i-Europe.

Lesi sakhiwo esiyisigci­nimafa somlando wempi yaseWaterl­oo siyisikhum­buzo sokuthi .

Ezinyangen­i ezingengak­i ezedlule Ingonyama ibihlaba ikhwelo eliqondene nohlelo oluzoqala maduze lokwakhiwa kwesakhiwo esizogcina amafa namagugu empi yaseSandlw­ana.

Kubaluleki­le ukusho ukuthi ukubuyiswa nokuvuselw­a kwamagugu esizwe kungebe umsebenzi ongabhekan­a nohulumeni kuphela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa