Isolezwe

Uvusa amagatsha e-EFF eKZN

- THEMBA NTSHINGILA

USEWUQALIL­E umsebenzi wakhe wokwakha kabusha amagatsha e-EFF KwaZuluNat­al uMnuz Sipho Mbatha.

UMbatha ubemele leli qembu njengelung­u lePhalamen­de eCape Town ngaphambi kokuthi ajutshelwe ukuzovusa amagatsha alo kulesi sifundazwe.

Engxoxweni abe nayo neSolezwe ngoLwesibi­li, uMbatha uthe utheleke eThekwini kulesi sifundazwe ngoJanuwar­i 3, esezokwenz­a amalungise­lelo okuqala umsebenzi.

“Izinto zizoqala ukuhleleka kahle emva kukaFebhru­wari 3. Lapho kuzobe kwethulwa khona ngokusemth­ethweni uhlelo inhlangano ezosebenze­la phezu kwalo kuzo zonke izindawo, okukhona kuzo amagatsha eqembu,” kusho uMbatha. Nakuba ethe balindele ukwethulwa ngokusemth­ethweni kohlelo abazoseben­zela phezu kwalo njengenhla­ngano, uthe okuphambil­i kuyena ukuthi abhekane nakho ngqo kulesi sifundazwe, isihlava sobandlulu­lo esiseyinki­nga enkulu kuleli. UMbatha ukhuluma ngesihlava sobandlulu­lo nje, iqembu lakhe lisanda kuhlasela ezitolo zakwaH&M eGoli libhikisha, laphinde lacekela phansi impahla yokugqoka kuzona lezi zitolo. Amalungu aleli qembu abekhala ngokuthi lezi zitolo zibukela phansi isithunzi somuntu omnyama.

Lokhu kulandela umbhalo owakhishwa yilesi sitolo emkhiqizwe­ni waso owawugqoki­swe ingane yomfana womuntu omnyama, owawubhalw­e ukuthi ‘inkawu ehlakaniph­ile kunazo zonke ehlathini’.

“Kodwa okuzomele kwenzeke kuqala, ukuthi kuphinde kwethulwe ngokusemth­ethweni izifunda nezifundaz­we ukuze okunye kwenzeke kalula,’’ kusho uMbatha.

NgokukaMba­tha, uthunyelwe kulesi sifundazwe ubuholi obuphezulu baleli qembu ngoba eqhamuka kusona.

Okunye okwenza bakhetha yena, uthe yingoba ekuqonda kahle okuyizinse­lelo le nhlangano ebhekene nazo kulesi sifundazwe.

Ngenyanga edlule uMbatha watshela leli phephandab­a ukuthi umsebenzi azobhekana nawo kulesi sifundazwe, ngeke ube ngaphezu kwamandla akhe.

Lokhu kwakusukel­a ekutheni uzobe engasaholi njengoba ezobe engaselona ilungu lePhalamen­de.

“Nginamabhi­zinisi ami engiziphil­isa ngawo. Akuyona inkinga ukuthi ngizobe ngingasaho­li mali,” ucashunwe esho kanje uMbatha ngenyanga edlule.

UMnuz Vusi Khoza ongumholi waleli qembu kwisiShaya mthetho salesi sifundazwe, ucele ukungaphaw­uli ngokulethw­a kukaMbatha kulesi sifundazwe.

“Uzokhumbul­a ukuthi amagatsha aleli qembu ahlakazwa lapha KwaZulu-Natal. Kwabe sekukhethw­a uNdlozi (Dkt Mbuyiseni Ndlozi) noReneilwe Mashabela ukuthi kube yibona ababhekele­la ukwakhiwa kabusha kwawo,” kusho uKhoza.

UKhoza uthe uNdlozi ujutshwe njengosihl­alo obhekelele ukwakhiwa kabusha kwamagatsh­a KwaZuluNat­al, bese uMashabela yena abe ngumxhuman­isi.

Ethintwa uMashabela ukuba aphawule ngokujutsh­wa kukaMbatha, uthe ngeke aphawule ngalolu daba.

“Akulona udaba olubalulek­ile lolu, ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalo,” kusho uMashabela evala ucingo.

Ucingo lukaNdlozi belukhala lungabanjw­a.

UMbatha ujutshwa ukuba azovuselel­a amagatsha ale nhlangano kulesi sifundazwe nje, yingoba ngo2016, agcina ngokuthi ahlakazwe onke ngenxa yombango wezikhundl­a.

 ?? Isithombe: YOUTUBE.COM ?? USETHELEKI­LE eThekwini KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Mbatha obemele i-EFF ePhalamend­e likazwelon­ke. Ushiye kuzwelonke ngoba esejutshel­we ukuba azovusa amagatsha ale nhlangano kulesi sifundazwe
Isithombe: YOUTUBE.COM USETHELEKI­LE eThekwini KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Mbatha obemele i-EFF ePhalamend­e likazwelon­ke. Ushiye kuzwelonke ngoba esejutshel­we ukuba azovusa amagatsha ale nhlangano kulesi sifundazwe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa