Uvusa amagatsha e-EFF eKZN
USEWUQALILE umsebenzi wakhe wokwakha kabusha amagatsha e-EFF KwaZuluNatal uMnuz Sipho Mbatha.
UMbatha ubemele leli qembu njengelungu lePhalamende eCape Town ngaphambi kokuthi ajutshelwe ukuzovusa amagatsha alo kulesi sifundazwe.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe ngoLwesibili, uMbatha uthe utheleke eThekwini kulesi sifundazwe ngoJanuwari 3, esezokwenza amalungiselelo okuqala umsebenzi.
“Izinto zizoqala ukuhleleka kahle emva kukaFebhruwari 3. Lapho kuzobe kwethulwa khona ngokusemthethweni uhlelo inhlangano ezosebenzela phezu kwalo kuzo zonke izindawo, okukhona kuzo amagatsha eqembu,” kusho uMbatha. Nakuba ethe balindele ukwethulwa ngokusemthethweni kohlelo abazosebenzela phezu kwalo njengenhlangano, uthe okuphambili kuyena ukuthi abhekane nakho ngqo kulesi sifundazwe, isihlava sobandlululo esiseyinkinga enkulu kuleli. UMbatha ukhuluma ngesihlava sobandlululo nje, iqembu lakhe lisanda kuhlasela ezitolo zakwaH&M eGoli libhikisha, laphinde lacekela phansi impahla yokugqoka kuzona lezi zitolo. Amalungu aleli qembu abekhala ngokuthi lezi zitolo zibukela phansi isithunzi somuntu omnyama.
Lokhu kulandela umbhalo owakhishwa yilesi sitolo emkhiqizweni waso owawugqokiswe ingane yomfana womuntu omnyama, owawubhalwe ukuthi ‘inkawu ehlakaniphile kunazo zonke ehlathini’.
“Kodwa okuzomele kwenzeke kuqala, ukuthi kuphinde kwethulwe ngokusemthethweni izifunda nezifundazwe ukuze okunye kwenzeke kalula,’’ kusho uMbatha.
NgokukaMbatha, uthunyelwe kulesi sifundazwe ubuholi obuphezulu baleli qembu ngoba eqhamuka kusona.
Okunye okwenza bakhetha yena, uthe yingoba ekuqonda kahle okuyizinselelo le nhlangano ebhekene nazo kulesi sifundazwe.
Ngenyanga edlule uMbatha watshela leli phephandaba ukuthi umsebenzi azobhekana nawo kulesi sifundazwe, ngeke ube ngaphezu kwamandla akhe.
Lokhu kwakusukela ekutheni uzobe engasaholi njengoba ezobe engaselona ilungu lePhalamende.
“Nginamabhizinisi ami engiziphilisa ngawo. Akuyona inkinga ukuthi ngizobe ngingasaholi mali,” ucashunwe esho kanje uMbatha ngenyanga edlule.
UMnuz Vusi Khoza ongumholi waleli qembu kwisiShaya mthetho salesi sifundazwe, ucele ukungaphawuli ngokulethwa kukaMbatha kulesi sifundazwe.
“Uzokhumbula ukuthi amagatsha aleli qembu ahlakazwa lapha KwaZulu-Natal. Kwabe sekukhethwa uNdlozi (Dkt Mbuyiseni Ndlozi) noReneilwe Mashabela ukuthi kube yibona ababhekelela ukwakhiwa kabusha kwawo,” kusho uKhoza.
UKhoza uthe uNdlozi ujutshwe njengosihlalo obhekelele ukwakhiwa kabusha kwamagatsha KwaZuluNatal, bese uMashabela yena abe ngumxhumanisi.
Ethintwa uMashabela ukuba aphawule ngokujutshwa kukaMbatha, uthe ngeke aphawule ngalolu daba.
“Akulona udaba olubalulekile lolu, ngeke ngikwazi ukukhuluma ngalo,” kusho uMashabela evala ucingo.
Ucingo lukaNdlozi belukhala lungabanjwa.
UMbatha ujutshwa ukuba azovuselela amagatsha ale nhlangano kulesi sifundazwe nje, yingoba ngo2016, agcina ngokuthi ahlakazwe onke ngenxa yombango wezikhundla.