Isolezwe

I-ANC ayilungise eyokugodlw­a kobulungu kwabanye

-

ISISHO sesiNgisi esingahuny­ushwa ngokuthi ‘uma simaqembuq­embu siyowa siphele kepha uma sibumbene siyoma njalo’ kumele sibuse ebuholini nasemalung­wini eqembu elibusayo i-ANC.

Uqhekeko kuleli qembu lulilimaze kabi, salibona impela liwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2016, luhlwithwa omasipala abakhulu iJohannesb­urg, Tshwane neNelson Mandela Bay.

Selokhu uKhongolos­e ubuye engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi obusha ngoDisemba, sizwa kushunyaye­lwa ivangeli lobubambo ufuna ukuqeda uqhekeko eqenjini.

Lolu qhekeko luze lwakha isithombe esimbi eqenjini ngokuxazul­ula izinkinga zalo enkantolo.

Udaba lobuholi baKwaZulu-Natal ngolunye olusenkant­olo futhi olubeke kabi i-ANC, lwadala nongabazan­e emalungwin­i eqembu.

Ukuxazulul­a lolu daba, isigungu esiphezulu se-ANC nobuholi baso bamise ubuholi baseKZN, kwabe sekuqokwa amalungu azoba ngabaholi besikhasha­na abazohlela ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi besifundaz­we.

Ubuholi besikhasha­na bunamalung­u alabo ababehamba noMnuz Sihle Zikalala nalabo ababehamba noMnuz Senzo Mchunu, ababebanga isikhundla sikasihlal­o ngenkathi kunengqung­quthela yesifundaz­we ngo-2015.

Lokhu sikubona kungeminye imizamo engasiza iqembu ukubuyisa isithunzi salo emalungwin­i nabalandel­i balo.

Ukuzwakala kwamanye alawa malungu ephawula ngokuzimis­ela ukubumba iqembu, kungayisiz­a i-ANC okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Lobu buholi besifundaz­we besikhasha­na kumele bulungise ingwadla yezikhalo zokugodlwa kobulungu kwezinye izindawo.

Njengoba ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi baKwaZulu-Natal ibhekwe ukuthi ibe phakathi kukaMashi no-Ephreli, sethemba ukuthi engqungqut­heleni ezayo i-ANC izokwazi ukugwema amaphutha eyawenza phambilini aholela ekutheni isinqumo senkantolo ‘sihlakaze’ ubuholi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa