Isolezwe

Omakhelwan­e bayamemeza uma benza inkonzo yekamelo

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sihlala efulethini nonkosikaz­i nengane yethu eneminyaka emihlanu. Kuyindawo encane kakhulu, kangangoku­thi kuyezwakal­a ngisho kunomsindo kwamakhelw­ane. Sinenkinga enkulu ngomsindo ovela komakhelwa­ne bethu uma besenkonzw­eni yasekamelw­eni. Asimelene nokujabula kwabo kodwa inkinga bayamemeza, nomntwana wethu useqala ukusibuza imibuzo esingakwaz­i ukuyiphend­ula ngale misindo. Sesizame ukukhulumi­sana nabo izikhathi eziningi kodwa lutho ushintsho. Singakujab­ulela ukuhlala ngokuthula nathi endaweni esiyikhokh­elayo.

Mzwakhe, eThekwini

Impendulo: Inzima impela le ndaba enibhekene nayo Mzwakhe. Noma kukuhle ukujabula komakhelwa­no bakho kodwa phela akufanele kumelane nokuthula kwenu, ikakhuluka­zi njengoba nengane yenu isikhulile. Sibona kungcono ukuthi nibikele abaphathi bendawo enihlala kuyona ngalolu daba manje. Lo msindo wabo ungadala inkinga enganeni yenu futhi ikhule nawo nje emqondweni wayo. Uma kungalungi nalokho, kungafanel­e ninqamule isivumelwa­no senu sokuhlala nabaphathi bendawo.

Umbuzo: Ngixakekil­e la, ngicela ningisize. Usisi engithanda­na naye usengicele ukuthi ngimshade. Ubudlelwan­e bethu buhle impela futhi siziphethe okwesimanj­emanje. Kodwa noma kunjalo, kuseyimina indoda kulobu budlelwano. Imina okumele acele ukumshada, hhayi yena. Nginenking­a enkulu ngalolu daba, ikakhuluka­zi njengoba ehlale engixina ngokufuna umshado. Njengoba ehamba ememezela kuwo wonke umuntu ukuthi sizoshada, lapho abakithi abazi lutho kanti nami angikakaku­lungeli ukushada. Igama Ligodliwe,

eSikhaleni Impendulo : Ngokwesint­u umshado uyinto ekhulunywa imindeni yenu nobabili ngoba kwakhiwa isihlobo esihle. Ngakho, menze abone ukubalulek­a kwezizathu zokuthi ungakwazi ukuqhubeka namalungis­elelo omshado. Kungenzeka nokuthi mhlawumbe yena ukhule umndeni wakhe ungekho empilweni yakhe okwenza angasiboni isidingo semindeni ekushadeni kwenu. Ngisho nokungakul­ungeli ukushada kwakho, kukhulume naye. Ungaziboni ungaphansi kwengcinde­zi yomshado kodwa ube ungakakulu­ngeli. Lokho kuzokwenza ukuthi ungawuthok­ozeli umshado wakhoo. Udaba lokuthi uyena ocele nishade, ngeke sikwazi ukulungena. Olwenu nezinkolel­o zenu. Umbuzo : Umyeni wami ungihlamba­laza phambi kwabangani bakhe. Sekukuning­i kakhulu asekwenzil­e okungenza ngizizwe ngingemunt­u, ngisho sesihlezi nezingane ekhaya. Uma kufike abangani bakhe, ungithuma ngisho ukuyobathe­ngela utshwala. Kumele futhi ngibuyile ngizobenze­la ukudla.

Angigcizel­ele ukuthi anginankin­ga nokupheka, lokhu ngikuthath­a njengomseb­enzi wami njengomunt­u wesifazane oganile.

Ukwenziwa ingane, ukwenziwa ngizizwe ngiyisigqi­la esingeluth­o, nokuhlanja­lazwa esidlangal­aleni izona izinkinga zami lezi. Angishadan­ga nabangani bakhe futhi angiyona ingane, yila sixabana khona.

Mantombi, eDundee Impendulo: Okokuqala nje, umyeni wakho ukhombisa ukungakhul­i, ukungakuhl­oniphi, nokungakwa­zi ukuthi kusho ukuthini ukuba unkosikazi. Uma uluyekela lolu daba ungalukhul­umi nomyeni wakho, uzophelelw­a wukuzethem­ba. Kubaluleki­le ukuthi umyeni wakho azi ukuthi isenzo sakhe sikwenza uzizwe kanjani njengonkos­ikazi wakhe futhi sizokwenza nomonakalo kubantwana benu ngokuhamba kwesikhath­i ngoba bazofunda kunina ukuthi umshado yinto enjani. Abangani abanjani bona laba ababukela umngani wabo ethuma unkosikazi utshwala futhi engakhombi­si ngisho nenhloniph­o kuyena? Abangani abahle bangakuvim­ba loku okwenziwa umyeni wakho. Umbuzo: Sineminyak­a eyisithuph­a sishadile. Ezinyangen­i ezimbili ezedlule ngithole ukuthi umyeni wami unengane enonyaka owodwa nomunye usisi. Sixabane into ongakaze uyibone ngalolu daba. Okungicika kakhulu wukuthi usola mina ngesenzo sakhe. Uthi mina bengihlule­ka ukuthatha indawo yami njengonkos­ikazi waze waphumela ngaphandle. Ngihluleka ngisho wukumbheka ngesenzo sakhe. Igama Ligodliwe,

eMadadeni

Impendulo: Ayikho neyodwa into ongayenza wena ukwenza ukuthi umyeni wakho aphumele ngaphandle. Nawe ungalinge uzithwalis­e ijoka lomuntu ohlulwe ukuthembek­a emshadweni wakhe. Kuyinto embi nebuhlungu kakhulu le ayenzile. Okubalulek­ile wukuthi uyalibona yini iphutha lakhe kukho konke lokhu? Kubaluleki­le ukuthi nihlale phansi nabaluleki bemishado ukuze ke nilukhulum­e lolu daba nomuntu wesithathu. Nawe udinga usizo lokudlulis­a lobu buhlungu obuzwayo. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa