Isolezwe

Ama-DVD emikhuba agcwele idolobha

-

MHLELI: Kwelakho ngicela ukwedlulis­a umbono wami ngodaba lwabadayis­a amaDVD ukuthi basicabang­ele phela ukuthi sizele, bangasonel­i izingane zethu.

Uyabona la maDVD omkhuba agcwele idolobha asifakela amahloni uma sihamba nezingane zethu ngoba zibona ukuthi uba njani umuntu omdala uma engagqokil­e. Thina sikhula besitshelw­a ukuthi wabona umuntu omdala enqunu uvaleka amehlo yingakho nje ngingeke ngaba wuBen 10 ngoba ngisahamba emazwini abazali bami okuthi abubukwa ubuntu bomuntu omdala ngoba uvaleka amehlo.

Nabakamasi­pala ngiyabasol­a ngoba bakwazi ukuphuca abantu abazidayis­ela otamatisi amazambane nokunye okudliwayo bayeke la bantu abadayisa ama-dvd abantu abaya ocansini nabanqunu.

Ingane yami sekumele ngihambe nayo ngiyibophe ngeduku emehlweni ukuze ingabuki imikhuba. Sikuphi isidingo sezitolo ezinembhal­o ethi adult only ngoba lokhu ezikufihla­yo izingane ziyakubuka vele?

Uhulumeni akayeke ukuqoqa otamatisi aqoqe la ma-dvd asibangela amahloni. Kufana noZodwa wabantu, lowo sisi akangichaz­i ngempela mina ngoba wehlisia isithunzi sabantu besifazane sibahlonip­ha kangaka. Uma yena ebona ukuthi kumenzela imali akwenzayo kulungile kodwa azi ukuthi uyalibulal­a izwe ngoba nezingane ziyabuka nje ukuthi ukuze udume ube nemali kumele ungazithan­di njengoZodw­a.

Uma ngimbheka akanandaba nempilo yakhe kuphela nje uma ethole udumo nemali kuye kulungile nje. Kodwa singeze sasho lutho iyona nkululeko ayivotela lena ukukhumula amaphenti phambi kwabantu nokusantuz­a njengoba ehlala enza.

Kodwa engibasola kakhulu abamqashay­o bachaza ukuthi le nto ayenzayo yinhle yikho bemqasha. Sekuyizo izinsuku zokugcina ezihlale zishiwo nguTshatha emsakazwen­i. Thanda Chonco EMPANGENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa