Ama-DVD emikhuba agcwele idolobha
MHLELI: Kwelakho ngicela ukwedlulisa umbono wami ngodaba lwabadayisa amaDVD ukuthi basicabangele phela ukuthi sizele, bangasoneli izingane zethu.
Uyabona la maDVD omkhuba agcwele idolobha asifakela amahloni uma sihamba nezingane zethu ngoba zibona ukuthi uba njani umuntu omdala uma engagqokile. Thina sikhula besitshelwa ukuthi wabona umuntu omdala enqunu uvaleka amehlo yingakho nje ngingeke ngaba wuBen 10 ngoba ngisahamba emazwini abazali bami okuthi abubukwa ubuntu bomuntu omdala ngoba uvaleka amehlo.
Nabakamasipala ngiyabasola ngoba bakwazi ukuphuca abantu abazidayisela otamatisi amazambane nokunye okudliwayo bayeke la bantu abadayisa ama-dvd abantu abaya ocansini nabanqunu.
Ingane yami sekumele ngihambe nayo ngiyibophe ngeduku emehlweni ukuze ingabuki imikhuba. Sikuphi isidingo sezitolo ezinembhalo ethi adult only ngoba lokhu ezikufihlayo izingane ziyakubuka vele?
Uhulumeni akayeke ukuqoqa otamatisi aqoqe la ma-dvd asibangela amahloni. Kufana noZodwa wabantu, lowo sisi akangichazi ngempela mina ngoba wehlisia isithunzi sabantu besifazane sibahlonipha kangaka. Uma yena ebona ukuthi kumenzela imali akwenzayo kulungile kodwa azi ukuthi uyalibulala izwe ngoba nezingane ziyabuka nje ukuthi ukuze udume ube nemali kumele ungazithandi njengoZodwa.
Uma ngimbheka akanandaba nempilo yakhe kuphela nje uma ethole udumo nemali kuye kulungile nje. Kodwa singeze sasho lutho iyona nkululeko ayivotela lena ukukhumula amaphenti phambi kwabantu nokusantuza njengoba ehlala enza.
Kodwa engibasola kakhulu abamqashayo bachaza ukuthi le nto ayenzayo yinhle yikho bemqasha. Sekuyizo izinsuku zokugcina ezihlale zishiwo nguTshatha emsakazweni. Thanda Chonco EMPANGENI