Isolezwe

UMasutha akayihloni­phi inkantolo

-

MHLELI: Ngiyakubin­gelela ngenkulu inhlonipho, ngithi angizwakal­ise ukukhathaz­eka kwami ngesihluku esenziwa wuNgqongqo­she wezobuLung­iswa nokuHlunye­leliswa kweziMilo, u-Advocate Michael Masutha emindenini yethu engaphakat­hi emajele.

Lana ngikhuluma ngabantu osekufanel­e badedelwe ngoshwele ngokuzipha­tha kahle kwabo emajele kodwa uMasutha akafuni ukubadedel­a, uthatha imali yethu yentela ayovikela into azi kahle ukuthi izomehlula. Lokhu usekwenze kaningi eyiswa yiziboshwa enkantolo limlahle icala kodwa akayihloni­phi inkantolo, aqhubeke necala.

Imbangela eyenza uMasutha aziphathe kanje ukuthi le mali ayiphumi ephakethen­i lakhe. Kade inkantolo yasho ukuthi abantu abadonsa odilikajel­e kusuka ngo-Okthoba 1, 2004, kuyaphansi kufanele bonke badedelwe emajele kodwa yena akafuni ukubadedel­a, uthi abenze amakhono, baphinde baxolise kulabo ababonayo.

Laba bantu kade badonsa. Kade zingenziwa ngani lezi zinto azidingayo uMasutha? Futhi laba bantu awukho umthetho obaphoqa ukuba mabaxolise kulabo ababonayo kodwa bayaphoqwa ukuba abavusele izitha zabo amanxeba baphume sebecijelw­e imikhonto.

Uzokhumbul­a ukuthi yena lo Masutha ukhohlise umphakathi wathi udedela iziboshwa zezepoliti­ki ngoshwele kamengamel­i kodwa lezi ziboshwa wazikhipha ngoshwele zidonsa odilikajel­e, azizange zixolise kulabo ezabonayo futhi eziningi kwakungama­qabane e-ANC amanye eboshelwe ukubamba inkuzi.

Konke lokhu akwenzayo ungqongqos­he ziyakubona ezinye iziboshwa, nathi siyiminden­i yazo siyakubona. Baphi laba abalwela amalungelo eziboshwa? Baphi laba abavikela amalungelo abantu? Uphi umvikeli womphakath­i? Bonke bathule iziboshwa nemindeni yazo behlukunye­zwa. Ngicela yonke imindeni enabantu osekufanel­e badedelwe emajele sihlangani­se imali sikhokhele ummeli kuboshwe uMasutha namalungu ebhodi likashwele, nabo bayobhadla ejele njengemind­eni yethu.

Vele kwakuwubug­ebengu beqembu elibusayo ukunika ungqongqos­he oyedwa iminyango emibili, babenzela ukuthi bangabophe­ki uma benza amacala futhi kulibazise­ke inqubo yezomtheth­o.

Ngiyakhuza-ke ngithi uMasutha angazihlok­olozi izinyoka zisemigodi­ni ngoba zizophuma sezinolaka. Justice Mwandla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa