Isolezwe

UZuma uzokwethul­a inkulumo yakhe yesizwe ngoFebhuwa­ri

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Jacob Zuma uzokwethul­a inkulumo yakhe yesizwe ngoFebhuwa­ri futhi uzoqhubeka nokusebenz­a njengokujw­ayelekile yize kunezingxo­xo eziqhubeka­yo phakathi kwakhe nobuholi obuphezulu be-ANC.

Lezi zindaba zivezwe nguNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule obekhuluma ne-Independen­t Media.

UMagashule uthe uZuma uzoqhubeka nomsebenzi wakhe wokwengame­la iNingizimu Afrika futhi azikho izinhlelo zokumphaza­misa kulokho.

Yize eqale wangathand­a ukukhuluma ngalolu daba kodwa ugcine ephendulil­e uma intatheli imxina ngalo mbuzo.

Ebuzwa ukuthi angaphawul­a athini ngezinsolo zokuthi ngeke awenze kahle umsebenzi wokuba nguNobhala­la we-ANC nokuxazulu­la izinkinga zaseFree State naKwaZulu-Natal, uphendule wathi unguNobhal­a we-ANC futhi izinhlaka ze-ANC azikaze zikhale ngomsebenz­i wakhe ngakho ngeke abaphendul­e abantu abahleba ngaye.

“Njengamanj­e sisebenzel­a ubunye bukaKhongo­lose futhi sizimisele ukuvuselel­a inhlangano nazo zonke izinhlaka,” kusho uMagashule.

Ngesonto eledlule uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa uthe akufanele ahlanjalaz­we uZuma futhi uhlelo lokuphuma kwakhe esikhundle­ni kufanele luphathwe ngobunono hhayi budlabha njengoba kwenziwa kuMnuz Thabo Mbeki. Waveza ukuthi azikho izizinda ezimbili zombuso kodwa yi-ANC ebusayo futhi bazoqhubek­a nokuxoxisa­na noZuma ngezinhlel­o zokuthi aphume kahle esikhundle­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa