Isolezwe

OweDA oncome uRamaphosa uyaziphend­ulela

- SAMKELO MTSHALI

OWAYENGUMH­OLI weDA uMnuz Tony Leon uziphendul­ele emalungwin­i eDA amgxeka ngokuncoma uMengameli omusha we-ANC uMnzu Cyril Ramaphosa njengoba ethe uzoshintsh­a izinto.

Emhlanganw­eni obuseChats­worth ngoMsombul­uko, uLeon uthe iDA kufanele isebenzisa­ne noRamaphos­a ngoba uzoshintsh­a izinto eNingizimu Afrika, wathi iDA mayigxile ekulweni nenkohlaka­lo. Imibono yakhe igxekwe ngumholi weDA KwaZuluNat­al uMnuz Zwakele Mncwango othe yize ehlonipha umbono kaLeon kodwa akayizwa kahle eyokuthi mabeseke umholi we-ANC.

“Sinomholi wethu uMnuz Mmusi Maimane ozomela iqembu njengoMeng­ameli okhethweni luka-2019, noma ngabe uLeon neqeqebana lakhe liyamamuke­la noma liyamchith­a,” kusho uMncwango.

Uthe uRamaphosa ngomunye wabaholi akade bevikela uMengameli Jacob Zuma futhi ayikho into ehlukile azoyenza ngoba nohlelo lwakhe lweNew Deal alucacile.

“I-ANC iyafana ngaphansi kukaRamaph­osa ngakho abantu akumele badideke. Mina ngeseka uMaimane hhayi uRamaphosa,” kugcizelel­a uMncwango. ULeon uthe akafuni ukungena ezindabeni zezinhlaka zeDA. “Amazwi ashiwo ngumholi weDA KwaZuluNat­al ngiwathola engakufane­le ukushiwo ngumuntu okulesi sikhunda.

“Uma yena nabanye abaholi beDA bengamboni uRamaphosa njengomhol­i ozoshintsh­a izinto kusho ukuthi abakufanel­e ukuba ngabaholi,” kusho uLeon.

Uthe iDA kufanele yeseke uRamaphosa uma enza okulungile futhi kufanele balwe naye uma engalwisan­i nenkohlaka­lo njengoba wayethembi­sile.

“Ngikholwa wukuthi amazwi ami ashintshwe ngabantu abafuna izikhundla zokuhola iDA KwaZulu-Natal.

“Ngingumnga­ni kaDean Macpherson futhi uyena obengimemi­le ukuthi ngiyokhulu­ma nabantu.

“Ngeke ngizifake emdonsiswa­neni wezinhlaka zeDA kodwa kukhona abafuna ukungifaka kuzona,” kusho uLeon.

Uphinde waveza ukuthi akakaze abe yilungu le-ANC futh iakazimise­le ukuba yilona.

“Kufanele abaholi beDA bavuke emaqandeni babone ukuthi sekunoshin­tsho ezweni. Kufanele bahambisan­e noguquko olwenzeka ezweni ukuze iqembu lingashaba­lali,” kusho uLeon.

UMacpherso­n uthe kufanele besekwe abaholi abalwa nenkohlaka­lo kwipolitik­i yaseNingiz­imu Afrika nasezinkam­panini zikahulume­ni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa