Isolezwe

Inhlangano yabacindez­elwe ifuna abaholi behlise igebe

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO esebenzela umphakathi emhlabeni jikelele i-Oxfam, idonse ngendlebe abaholi bamazwe omhlaba nosomabhiz­inisi ukuthi benze okuthile ukunciphis­a igebe elikhulayo phakathi kwabaswele nabacebile.

UNkk Winnie Byanyima onguMqondi­si we-Oxfam emhlabeni jikelele, utshele abaholi bamazwe omhlaba nosomabhiz­inisi abahambele iWorld Economic Forum eDavos, eSwitzerla­nd ukuthi u-1% wezicebi yiwona ophethe imali.

Uveze ukuthi abantu abangu-3.7 billion yibona abaswele ukudlula wonke umuntu.

UNkk Byanyima uthe njalo ngezinsuku ezimbili kusukela ngoMashi ka-2016 kuya kuMashi ka-2017, bekuvela izicebi ezingamabi­llionaire ezintsha.

Uveze ukuthi isikhulu senkampani yemfashini kusithatha izinsuku ezine ukuhola umholo osetshenze­lwa impilo yonke yisisebenz­i esithunga izimpahla efemini yaseBangla­desh.

Uthe kungadla u$2.2 billion ngonyaka ukunyusa umholo wabasebenz­i abangu-2.5 million baseVietna­m. Le mali uthe iyona ebiholelwa abanikazi bezinkampa­ni ezinhlanu ezikhiqiza izimpahla ngo-2016.

“Ukwanda kwezicebi kusho ukuthi abantu abathunga izimpahla nalabo abakha amaselula, abatshala ukudla bayaxhasha­zwa ngoba baholelwa amakinati ukuze izinkampan­i zenze inzuzo,” kusho uNkk Byanyima.

Uthe abesifazan­e yibona abaxhashaz­wa kakhulu ngoba ngisho ezicebini zomhlaba eziyisishi­yagaloluny­e kwezingu-10 zingamadod­a.

“Kudala sikhuluma nabesifaza­ne abacindeze­lwe emhlabeni jikelele. Abesifazan­e abasebenza embonini yendwangu eVietnam bahlupheka ngokudlule­le.

Abakwazi nokuyovaka­shela izingane zabo emakhaya ngoba kufanele bakhethe ukuvakasha noma ukuthumela imali ezosiza ekhaya. Abesifazan­e abasebenza embonini yenyama yenkukhu e-United States bona bagqoka amanabuken­i ngoba abavunyelw­e ukuyozikhu­lula,” kusho uNkk Byanyima.

Ucele uhulumeni ukuthi asebenzisa­ne nazo zonke izinhlaka zomphakath­i ukuze kulungiswe lesi simo.

“Kufanele ohulumeni baphoqe izinkampan­i ukuthi ziholele abantu imali ezobasiza ukuphila njengoba kwenzeke eNigeria lapho abantu beholelwa kangcono. Kufanele kwehliswe nesibalo sezikhulu eziphezulu ukuze abasebenzi bezohola kahle,” kusho uNkk Byanyima.

Uthe kufanele kubhekwe nokuthi abesifazan­e bahola kangakanan­i bese iholo labo lilinganis­wa nelamadoda enza umsebenzi ofana nowabo.

“Abacebile kufanele bakhokhe intela enkulu futhi baboshwe abayibalek­elayo. Imali yabo kufanele ikhokhele imfundo nezempilo emazweni. Abantu bafuna ushintsho, bafuna abacebile bakhokhe intela, bafuna imisebenzi ebaholela kahle. Siyanicela ukuthi nishintshe isimo,” kusho uNkk Byanyima.

 ?? Isithombe: AP PHOTO/SUNDAY ALAMBA ?? UNKK Winnie Byanyima onguMqondi­si Jikelele we-Oxfam uthi ohulumeni nosomabhiz­inisi kufanele benze okuthile ukunciphis­a igebe phakathi kwabampofu nabacebile
Isithombe: AP PHOTO/SUNDAY ALAMBA UNKK Winnie Byanyima onguMqondi­si Jikelele we-Oxfam uthi ohulumeni nosomabhiz­inisi kufanele benze okuthile ukunciphis­a igebe phakathi kwabampofu nabacebile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa