Angase angaphinde abonakale eringini
KUNGENZEKA angaphinde abonakale eringini umpetha we-International Boxing Federation (IBF) Inter-Continental Bantamweight, uMzuvukile “Old Bones” Magwaca, odutshulwe emlenzeni ngesikhathi izigebengu ziphanga kubo eKhayelitsha, eKapa, ekupheleni kwesonto eledlule.
UMagwaca (20-0-3), ubezohlolwa izolo ukuthi ungakanani umonakalo odaleke emlenzeni wakhe. Ulaliswe esibhedlela iTygerberg Hospital. Kuvele ukuthi udutshulwe ngesibhamu i-R 4 ngemuva kokuthi eficane nezigebengu endlini yakubo ekade engekho.
Kuthiwa uMagwaca ufike kubo ebusuku bangoLwesine wakhangwa yizinsimbi zasemnyango zivuliwe ekubeni unina nodadewabo kade sebelele kudala. Uficane namadoda amfune imali neselula baphinde bathatha nethelevishini. Omunye wabo uvulele ngenhlamvu, wadubuleka emlenzeni uMagwaca.
Umqeqeshi kaMagwaca, uZola Koti, uthe kunzima kumshayisibhakela wakhe ukwamukela isimo.
“Isimo sibi. Akakwemukeli ngempela okwenzeke kuyena. Okwethu wukuba seduzane kwakhe simduduze. NgoLwesibili odokotela bebezobuya nemiphumela yokuhlolwa eyenziwe ngesonto eledlule ukuze bakwazi ukuthi bazokwenzenjani,” kusho uKoti.
“Kona kungcono ngoba akashonanga kodwa kungenzeka angaphinde alwe esibhakeleni ngendlela umlenze oshayeke ngayo. Okudale lokhu wukuthi udutshulwe ngesibhamu esikhulu wumuntu eseduzane. Siphatheke kabi sonke ngalokhu.”
Ukudutshulwa kukaMagwaca, elinye lamabhokisa iNingizimu Afrika esabheke lukhulu kuwo, kwenzeke kusadlule izinyanga ezimbalwa kugwazwe umpetha we-SA bantamweight, uToto Helebe, eGugulethu. Lokhu kuphoqe ukuthi kuhlehliswe impi yakhe yokuvikela ibhande obekufanele ibe sekupheleni konyaka. Ngaphambi kwalokho uKoti ulahlekelwe ngomunye umshayishakela wakhe uLwando “Floyd” Molwana oduwatshulwa wafa emijondolo iMarikana khona eKapa ngo-2015.