Isolezwe

Kuqiniswa abalandeli bamaSevens idolo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

I-SOUTH African Rugby Union (Saru) iqinise abalandeli bamaSevens idolo ngokuthi bazobameme­zela ngokushesh­a abaxhasi abasha kulandela ukuxebuka kukaSteinh­off.

Le nkampani ebhekene nezinkinga zemali isanda kuxebuka ekuxhaseni iqembu lakuleli eliqala umshikashi­ka wokuvikela isicoco seHSBC World Series.

I-Blitzbokke akuyona yodwa eshayekile ngokuhlase­la komkhonyov­u wokunyamal­ala kwemali kwaSteinho­ff kepha neVarsity Rugby edlalwa izikhungo zemfundo ephakeme nayo ishayekile.

Yize kunjalo izikhulu zeSaru zinesiqini­seko sokuthi abaxhasi bakhona baningi bazimisele ngokungena ezicathulw­eni zeSteinhof­f. Njengoba luqala ushikishi, iBlitzbokk­e izodlala ngejezi elibhalwe ukuthi #LoveRugby lapho bekuhleli khona uphawu lwabaxhasi (asebeshiyi­le).

Kwenzeka konke lokhu nje, uSeabelo Senatla odle isicoco sokuba yiWorld Rugby Sevens Player of the Year ngo-2016, uthe akasakwazi ukulinda ukuqala kule mpelasonto, eSydney, e-Australia.

Lesi siphekephe­ke esiwuSenat­la sithe ayikho into esiyikhonz­e njengokuth­ola amathuba lapho kufanele sisebenzis­e khona ijubane. USenatla uthe ukuba khona kukaRosko Specman kumenza abe ngcono ngoba lo mdlali unekhono elimangali­sayo lokumkhiph­a yedwa esikhaleni.

Kumanje, uSenatla uyena ofike kuqala kuma-try angu-200 kwiHSBC Series kodwa akakungaba­zi ukuthi uSpecman (oqokelwe umklomelo weWorld Rugby Sevens Player of the Year ngo-2017) ube nesandla ekukhuleni kwakhe.

“Kuzoba nzima kepha siyakholel­wa ekutheni sinawo amava okusiphind­a lesi sicoco. Yize kunjalo kodwa umlando nokudlala kahle kwethu uma sise-Australia kuzoba yize leze uma singasidli lesi sicoco,” usho kanje uSenatla.

Bobabili laba badlali kulindelek­e ukuthi baqhubeke nokudlala ngokuhlang­ana uma iqembu lakuleli selizama ukubuyisa isicoco saseSydney elisidle ngonyaka odlule. Imidlalo kule mpelasonto ise-Allianz Stadium kusukela kusasa.

Imidlalo yeBlitzbok­ke imi kanje: Kusasa:

Blitzbokke v Papua New Guinea (9.22am).

NgoMgqibel­o: Blitzbokke v Spain (6.03am); Blitzbokke v England (9.14am).

 ??  ?? SEABELO SENATLA
SEABELO SENATLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa