Isolezwe

I-Arrows ayidikibel­e ngomphumel­a

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AKASIBONI isidingo sokudikiba­liswa umphumela owodwa ongemuhle uVusumuzi “Kanu” Vilakazi ongumqeqeq­shi weLamontvi­lle Golden Arrows okuyiyona ezihola phambili kwi-log yeMulticho­ice Diski Challenge ezovakasha okokuqala ngqa eLimpopo selokhu yasungulwa.

Lokhu uVilakazi ukutshele Isolezwe ngemuva kokukhala ngaphansi kungalinde­lekile kwiPlatinu­m Stars ebalwa namaqembu athwele kanzima kule sizini. Okwenze waxaka kakhulu lo mphumela ukuthi Abafana Bes’thende bashaywa nje, bebedlalel­a ekhaya futhi yibona abathwelwe ngeqoma ukuhlwitha isicoco kwiMamelod­i Sundowns.

Ngemuva kokuhambel­a amalokishi ahlanganis­a Umlaza, Kimberly, Tsakane, Mdantsane, Kanyamazan­e nezinye izindawo, iSeshego Stadium, eseLimpopo yiyona ezosingath­a iDiski Challenge kule mpelasonto.

Njengoba sekusele imizuliswa­no emihlanu ukuba isizini yeDiski isongwe, i-Arrows yiyona ezihola phambili ngamaphuzu angu-25 emidlalwen­i engu-11. Abafana Bes’thende bazihola phambili nje, basethuben­i lokudla lesi sicoco okwesibili kodwa ngeke kube lula njengoba bekubukeka bengakasha­ywa yiPlatinum.

“Angikholwa ukuthi sidlale kancane kwiPlatinu­m ngoba balwile abafana. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo. Kwesinye isikhathi ubhekana namaqembu asezidlale­la nje akushaye ungalindel­e. Asikho-ke isidingo sokuxhamaz­ela ngenxa yalo mphumela wodwa, umfutho ofakwe abafana ungiqinisa idolo. Kuseyithin­a esizihola phamili. Okumqoka ukuthi emdlalweni wethu olandelayo siwaqoqe egcwele ukuze sizoqhubek­a nokuphefum­ula kahle esicongwen­i,” kusho uVilakazi.

I-Arrows imiswe kabi iBloemfont­ein Celtic neMaritzbu­rg United esicongwen­i ngamaphuzu angu-22 nangu-21 ngokwahluk­ana. I-Maritzburg isele ngomdlalo owodwa. Ikhona emdibini ne-Ajax Cape Town ngawu-20 amaphuzu.

Ompetha iSundowns bafisa sengathi ingaphela namuhla isizini njengoba besemsilen­i namaqembu afana nayo iPlatinum ebiqala ukunqoba nge-Arrows ngeSonto ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. NgoMgqibel­o: ESeshego Stadium: Bidvest Wits v Platinum Stars (10am); Free State Stars v Orlando Pirates (12pm). E-Ikamva Stadium: Ajax Cape Town v Maritzburg United (10am).

EWolfson:

Chippa United v Cape Town City (12pm). ELucas Moripe Stadium: SuperSport United v Golden Arrows (12pm).

NgeSonto:

Barokam FC v Mamelodi Sundowns (10am); Polokwane City v Kaizer Chiefs (12pm). EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu v Bloemfonte­in Celtic (12pm).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVUSUMUZI Vilakazi oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows akethukile ngokuthi iqembu lakhe lilahle amaphuzu emdlalweni odlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVUSUMUZI Vilakazi oqeqesha iLamontvil­le Golden Arrows akethukile ngokuthi iqembu lakhe lilahle amaphuzu emdlalweni odlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa