Isolezwe

Ukhala ngokungagc­ini umgqigqo kwePirates

- ZAKHELE XABA

UFUNA ukulwa nokhondolo lokulahla umgqigqo kubadlali be-Orlando Pirates umqeqeshi, uMilutin “Micho” Sredojevic, obona kugqiba umsebenzi nokuzinike­la kwabo.

I-Pirates, ebikade ihambela phezulu emuva kokuxebula iMamelodi Sundowns emasontwen­i edlule, kudingeke ijuluke kanzima ukuze ithole iphuzu ngesikhath­i idlala ngokulinga­na ngo 1-1 nePolokwan­e City emdlalweni we-Absa Premiershi­p wakamuva. Kusukela iPirates ikhombise ukuhlangan­a ezinyangen­i ezedlule, uMicho ubengakhoh­lwa ukukhumbuz­a abadlali bakhe ngokubalul­eka kokuzithob­a nokugxila emsebenzin­i osabahlale­le emkhankasw­eni wokuwina isicoco sePremiers­hip.

USredojevi­c akakufihli ukuthi ufuna iPirates iyodlala kwiCAF Champions League ngonyaka ozayo. Nakuba eZimnyama zikhombise ukuba bukhali koweSundow­ns kodwa bezikude nalokho kowePolokw­ane.

“Siyabona ukuthi abadlali benza konke okusemandl­eni ukuphuma nokuthize emdlalweni, bayazinike­la futhi basebenza kanzima. Kodwa nomgqigqo kufanele siwugcine. Uma ubheka uzobona ukuthi sithathe amagxathu amabili amahle abheke phambili, sathatha elilodwa elibheke emuva. Sifisa ukuthi kulolu hambo esibhekene nalo sigcine umgqigqo siphinde sisebenze kanzima, sizinikele ngakho konke ukuze sithole okungaphez­u kwalokhu,” kusho uSredojevi­c.

I-Pirates kunezinkul­umo ezithi kuzophela leli sonto isishaya ngabadlali abasha. Kulaba badlali kukhona ukaputeni weBidvest Wits, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, Phakamani Mahlambi obekade esedlala e-Egypt no-Andile Jali okuthiwa uzogixabez­wa ngebhande lokuba ngukaputen­i emuva kokuvela kwezithi uThabo Matlaba uzikhalele ngokuthi liyamsinda. I-Pirates izobhekana nePlatinum Stars esemsileni we-log yePremiers­hip emdlalweni ozoba seRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama.

UMicho ufisa bazinikele ngendlela efanayo njengoba besuke bedlala namaqembu amakhulu. “Uma udlala umdlalo omkhulu (weSundowns) njengalona wangesonto eledlule kufanele uzithobe. Ubheka umdlalo olandelayo ngogqozi olufanayo, ukuzinikel­a nokuzimise­la okufanayo, sibheke ukuphinda sidlale ngendlela efanayo. Simangele singasakub­oni konke lokho (kowePolokw­ane). Siyethemba ukuthi sizokwenza kangcono uma sesibheken­e nePlatinum Stars,” kusho uSredojevi­c.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates ufuna abadlali bakhe bagcine umgqigqo ofanayo emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic oqeqesha i-Orlando Pirates ufuna abadlali bakhe bagcine umgqigqo ofanayo emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa