Uyisilomo kwiChippa ochizelwe wuSuthu
UDLALA leli okuthiwa lineNkosi phakathi uLinda “Figo” Mntambo ochizelwe AmaZulu ekubeni kusobala ukuthi ayamdinga wagcina esayina kwiChippa United afike kuyona waba omunye wabadlali amagama abo amenyezwa kuqala uma kusethwa isikimu seChilli Boys.
UMntambo ufike kwiChippa kwezwakala ngesikhathi evalela amagoli amabili iChilli Boys iqumba phansi Usuthu ngo-20 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, emdlalweni wokuqala esayine kuleli qembu.
Manje usephenduke omunye wabadlali abamqoka kwiChippa. UMntambo usize iCosmos yahlala endaweni yesibili ngomzuliswano wokuqala weNational First Division (NFD). ICosmos iphoqeleke ukumdedela ngenxa yokuthi inkontileka yakhe ibizophela ngoJuni.
Emdlalweni wangeSonto uphinde waqokwa njengomdlali ovelele osukwini yize engazange aphumelele ukusiza iChilli Boys eshayane yaze yabukana neLamontville Golden Arrows kuba ngo 0-0.
UJomo Sono ongumqeqeshi aphinde abe umnikazi weCosmos, utshele Isolezwe ukuthi uMntambo kukhalwa ngaye nje, ngabe uyena otakula Usuthu ukube aluzange lumchizele elunika yena.
“Ngaphambi kokuthi aye kwiChippa ngimyise kuMaZulu uMntambo kodwa anganginaka. Akuyena yedwa kepha baningi nabanye abadlali abahle. Angibaniki abadlali abayingcikingciki ngoba ngisondelene kakhulu noSuthu ikakhulukazi usihlalo uSokhela.
“Nginothando olujulile lwaMaZulu yingakho ngaso sonke isikhathi ngibanika abadlali bese kuba yibona-ke abakhetha ukungabathathi. Kuba kubi kabi kimina uma Usuthu lungekho esigabeni esikhulu yingakho ngiyohlale ngizimisele ngokufaka isandla uma bengidinga,” kusho uSono.
Lesi sikhulu sithe sijabule ngokuthi uMntambo udlala ngaphansi komuntu ofana noTebogo Moloi ngoba uzokhula kahle.
“Nginokuziqhenya ngokuthi usayine kumqeqeshi okhulele phambi kwami. Bengimgona uMoloi ngisadlala kwiPirates ngakho-ke kulungile uma abadlali abafana noMntambo noMxolisi (Macuphu) begcina kuyena. Nakhona bengingafuni kodwa ngabanjwa wumthetho ukuthi angibadedele. Ngikhala kakhulu ngoMntambo. Akekho ngisho osondelayo ezingeni lakhe kubadlali abakhona manje abadlala le ndawo ayidlalayo.”
NgokukaSono akulona Usuthu kuphela olumchizelile elunika lo mdlali kepha ne-Orlando Pirates ibisha amashushu ngaye.
“URulani (Mokwena) uyena obemfuna kakhulu ngamtshela ukuthi akaye kubaphathi bakhe abatshele ukuthi abafake imali. Indlela abenomfutho ngayo esamfuna, ukungabuyi kwakhe kimina kungitshele ukuthi bafike bamchitha phezulu. Kunjalo-ke ebholeni,” kusonga uSono.