Ufuna ukuzinza kwiJomo Cosmos
ISILOMO somdlali waseZambia esesidlalele amaqembu amaningi ebhola aseNingizimu Afrika, uClifford Mulenga, sizimisele ngokuzinza kwiJomo Cosmos ngoba ubumqoka baso sibazi njengoba sizazi. UMulenga, oseke waqokwa njengomdlali osemncane ovelele e-Afrika, utshele Isolezwe ukuthi uyomkhohlwa efile uJomo.
Ngemuva kokuqala kahle waze waba yingxenye yeqembu lesizwe laseZambia emncane, uMulenga uke walandelwa izinto ezimbi okuholele ekutheni agcine engazange afike kuleli zinga abaningi ababezitshela ukuthi uyofika kulona. Uke wathishwa ukuba afike ezingeni likaKalusha Bwalya ngesikhathi esaqala ukuziveza ngaphambi kokushiya eZambia eze kuleli ezodlalela iPretoria University.
Ngaphandle kwaleli qembu uke wadlala kwi-Orgryte IS yaseSweden ngokubolekiswa kanti ugijime kwiBidvest Wits, Thanda Royal Zulu, Mpumalanga Black Aces, Bloemfontein Celtic, SuperSport United, Ajax Cape Town njengoba esekwiCosmos.
Ekhuluma naleli phephandaba uzwakalise ukwethuka kwakhe ngobunzima afike wabhekana nabo kwiNational First Division (NFD).
“Bengizitshela ukuthi kuzoba lula ngoba ngijwayele esigabeni esikhulu kanti angibuzanga elangeni. Kunzima. Ngikufanisa nempi ngoba wonke amaqembu akhona alwela ukukhuphukela lapho kunoju khona. Uma usudlale isikhathi eside esigabeni esikhulu njengami uze ugcine uzitshela ukuthi konke kulula ezansi kanti cha,” kusho uMulenga.
Lo mdlali uthe uyomkhohlwa efile uJomo ngokumlanda engenaqembu wafike wamphathisa okweqanda ngesikhathi esifanayo emkhumbuza ukuthi uphiwe kangakanani ebholeni.
“Omunye umuntu angakubuka ngokuthi ngehlele phansi kodwa igama leJomo Cosmos likhulu kunamaqembu amaningi asesigabeni esikhulu. Ngizizwa ngihloniphekile ukuthi nginikwe ithuba lokuhola iqembu elingaka ngilibuyisele lapho kufanele libe khona. Ngizwa sengathi ngiyamkweleta uBig J ngokunginika ithuba nginganakiwe,” kusho uMulenga.
UMulenga ujabulela kakhulu ngethuba lokukhulisa abafana abancane ababukela kuyena kwiCosmos futhi ukholelwa ekutheni iningi labo liya kude.
“Kuningi okuhlukile. Bekuyimina umfana omncane kodwa manje sekuyimina engibhekene nokubakhulisa kahle ngendlela. Lokhu kuyangisiza ngoba kwenza ngiqondise ezami izindlela ukuze ngizoba yisibonelo esihle kubafana abancane, abayikusasa leCosmsos neBafana Bafana,” kuphetha uMulenga. Imidlalo yeNFD: NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Mthatha Bucks v Mbombela United (Mthatha Stadium); Super Eagles v Stellenbosch (Goble Park); Tshakhuma Tsha Madzivhandila v Pretoria University FC (Thohoyandou Stadium); Cape Town All Stars v Ubuntu Cape Town (Parow Park); Uthongathi FC v Real Kings (Princess Magogo Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama: Highlands Park v Richards Bay (Makhulong Stadium); Black Leopards v Royal Eagles (Thohoyandou Stadium); Jomo Cosmos v Witbank Spurs (Vosloorus Stadium)