Angimlaleli uMosimane: Komphela
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Kompela, akafuni ukuyifaka ekhanda inkulumo kaPitso Mosimane weMamelodi Sundowns yokuthi uyawesaba Amakhosi ngaphambi komdlalo wabo we-Absa Premiersship.
IChiefs izokwamukela iSundowns emdlalweni wePremiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku. Amakhosi aseyixebule kabili iSundowns emidlalweni yakamuva.
AmaBrazilians egcina ukubhekana neChiefs eLoftus Stadium, ePitoli, athole isibhaxu sika 2-1 wamagoli kaSiyabonga Ngezane nelikaBernard Parker. EleSundowns lashaywa nguThemba Zwane okwakuyiphenathi.
IChiefs, esendaweni yesithathu kwi-log yePremiership, ayiyazi induku emidlalweni emithathu. Ngempelasonto edlule ithele muva njengembumba ihlula iBaroka ngo 2-1. ISundowns, esixetshulwe yiPolokwane City ne-Orlando Pirates kusukela kuqale unyaka, izidlele amahlanga kwiPlatinum Stars iyigijimisa ngo 3-0.
Ngasekuqaleni kwesonto, uMosimane uthe uyayisaba iChiefs.
“Angiyilaleli into ayishoyo (uMosimane). Ngifundile kwenye indawo ethi uyayisaba iChiefs. Ngebhadi uma ufunda awukwazi ukuthola ukuthi ukusho kanjani lokho. Ukuzwa kuphela uma ekhuluma. Kodwa kungcono ukuqaphela kunokuxhamazela bese uzisola kamuva. Kufanele uzazi izimbangi, ubazi ubuthaka bazo kodwa usebenzise okwakho,” kusho uKomphela.
“Ngokwami umdlalo uzoba ngezindlela ezimbili. IChiefs izobhekana neqembu elihle uma kuyiwa phambili. ISundowns izobbekana neqembu eliqine kakhulu emuva. Abadlali bethu abahlaselayo kufanele benze isiqiniseko sokuthi bayawuphatha umdlalo nabasemuva bahlale beqaphile.”
Esithangamini nabezindaba izolo, uMosimane uvumile ukuthi iChiefs ingcono kunabo okwamanje. Uthe ucela kushaywe amagoli emdlalweni wangoMgqibelo kungabi u 0-0.
“IChiefs isawugcine kangcono umgqigqo, kufanele sikuvume lokho. Isikhombisa ukuhlangana kakhulu uma ubheka imidlalo esiyiwinile futhi ishaya namagoli. Ngasohlangothini lwethu siyawashaya amagoli kodwa ayangena nangakithina. Bona basangenelwe ngamancane. Ngifisa kulokhu kushaywe amagoli umdlalo ungapheli ngo 0-0, ngiyacela. Noma kungaba u 4-4. Sigcina ukudlala neChiefs eFNB siphathe ibhola. Kulokhu ngizobanikeza ibhola baliphathe,” kusho uMosimane. Maritzburg United v Chippa United (Harry Gwala Stadium, 8pm); Ajax Cape Town v Free State Stars (Cape Town Stadium, 8pm)
Polokwane City v AmaZulu FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Platinum Stars v Orlando Pirates (Royal Bafokeng Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Bidvest Wits (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Kaizer Chiefs v Mamelodi Sundowns (FNB Stadium, 8.15pm)
Bloemfontein Celtic v Cape Town City FC (Dr Molemela Stadium, 3.30pm); Golden Arrows v Baroka FC (Princess Magogo Stadium, 3.30pm)