Ukhala ngokungagcini umgqigqo kwePirates
UFUNA ukulwa nokhondolo lokulahla umgqigqo kubadlali be-Orlando Pirates umqeqeshi, uMilutin “Micho” Sredojevic, obona kugqiba umsebenzi nokuzinikela kwabo.
I-Pirates, ebikade ihambela phezulu emuva kokuxebula iMamelodi Sundowns emasontweni edlule, kudingeke ijuluke kanzima ukuze ithole iphuzu ngesikhathi idlala ngokulingana ngo 1-1 nePolokwane City emdlalweni we-Absa Premiership wakamuva. Kusukela iPirates ikhombise ukuhlangana ezinyangeni ezedlule, uMicho ubengakhohlwa ukukhumbuza abadlali bakhe ngokubaluleka kokuzithoba nokugxila emsebenzini osabahlalele emkhankasweni wokuwina isicoco sePremiership.
USredojevic akakufihli ukuthi ufuna iPirates iyodlala kwiCAF Champions League ngonyaka ozayo. Nakuba eZimnyama zikhombise ukuba bukhali koweSundowns kodwa bezikude nalokho kowePolokwane.
“Siyabona ukuthi abadlali benza konke okusemandleni ukuphuma nokuthize emdlalweni, bayazinikela futhi basebenza kanzima. Kodwa nomgqigqo kufanele siwugcine. Uma ubheka uzobona ukuthi sithathe amagxathu amabili amahle abheke phambili, sathatha elilodwa elibheke emuva. Sifisa ukuthi kulolu hambo esibhekene nalo sigcine umgqigqo siphinde sisebenze kanzima, sizinikele ngakho konke ukuze sithole okungaphezu kwalokhu,” kusho uSredojevic.
I-Pirates kunezinkulumo ezithi kuzophela leli sonto isishaya ngabadlali abasha. Kulaba badlali kukhona ukaputeni weBidvest Wits, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, Phakamani Mahlambi obekade esedlala e-Egypt no-Andile Jali okuthiwa uzogixabezwa ngebhande lokuba ngukaputeni emuva kokuvela kwezithi uThabo Matlaba uzikhalele ngokuthi liyamsinda. I-Pirates izobhekana nePlatinum Stars esemsileni we-log yePremiership emdlalweni ozoba seRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
UMicho ufisa bazinikele ngendlela efanayo njengoba besuke bedlala namaqembu amakhulu. “Uma udlala umdlalo omkhulu (weSundowns) njengalona wangesonto eledlule kufanele uzithobe. Ubheka umdlalo olandelayo ngogqozi olufanayo, ukuzinikela nokuzimisela okufanayo, sibheke ukuphinda sidlale ngendlela efanayo. Simangele singasakuboni konke lokho (kowePolokwane). Siyethemba ukuthi sizokwenza kangcono uma sesibhekene nePlatinum Stars,” kusho uSredojevic.