UMosimane uphikwa yirekhodi eFNB Stadium
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela akayazi induku e-FNB Stadium, eNasrec, eGoli, uma ebhekene nomqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane.
NgoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku laba baqeqeshi asebeke bayibamba kwiBafana Bafana bazotholana phezulu emdlalweni we-Absa Premiership obhekwe ngabomvu.
Amakhosi ahleli endaweni yesithathu ngamaphuzu angu29 emidlalweni engu-18 ye-Absa Premiership. Ngakolunye uhlangothi Abafana Bes’thende baqhwakele ngamaphuzu angu34 ngemuva kwemidlalo efanayo yeligi. UKomphela ufike kwiChiefs kumasizini amathathu edlule. Usebhekane neSundowns amahlandla amabili ekhaya.
Ngesizini yakhe yokuqala wadlala ngokulingana ngo 0-0 ngesikhathi ebhekene neSundowns ekhaya. Ngesizini edlule uKomphela uqumbe phansi uMosimane ngo 2-1 e-FNB Stadium.
IChiefs neSundowns bazoya kulo mdlalo begcwele ukuzethemba kwazise emidlalweni eyedlule baqoqe amaphuzu amathathu. Amakhosi athele othulini iBaroka FC ngo 2-1 kwathi iSundowns yabhaxabula iPlatinum Stars ngo 3-0 ekhaya.
Yize iChiefs inerekhodi elihle ngaphansi kukaKomphela uma idlala neSundowns eFNB kodwa kule sizini ayinalo irekhodi elihle emidlalweni yasekhaya. Kule sizini iChiefs isanqobe imidlalo emibili kuphela ekhaya kweyisishiyagalombili. Iguqise i-Ajax Cape Town ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium yase ishaya iPolokwane ngo 2-1 e-FNB Stadium.
Ishaywe yiSuperSport United ng 2-1 e-FNB yaphinde yaguqiswa yiBaroka ngo 2-1 eMabhida. Kweminye imidlalo ekhaya idlale ngokulingana ngo 1-1 neBidvest Wits, yabambana ne-Arrows ngo 0-0 yase ibambana neFree State Stars ngomunye u 0-0.
Ngakolunye uhlangothi iSundowns abazodlala nayo ishisa kakhulu uma idlala ekuhambeni. IPolokwane yilona kuphela iqembu elisashaye iSundowns ekuhambeni kule sizini emidlalweni eyisishiyagalombili.
Ekuhambeni iSundowns isinqobe imidlalo eyisithupha, yashaywa owodwa yadlala ngokulingana kowodwa. Ishaye iSuperSport United, Free State Stars, Platinum Stars, Orlando Pirates, Bidvest Wits neLamontville Golden Arrows.
ISundowns isiqoqe amaphuzu amaningi ekuhambeni kunamaphuzu ewaqoqe ekhaya. Ekuhambeni isiqoqe amaphuzu angu-19 kwangu-24 kanti ekhaya basaqoqe angu-15. Kulo mdlalo uLeonardo Castro noGeorge Lebese bazobe bebhekene namaqembu abo akudala.
UCastro ubingelele ngegoli emdlalweni wakhe wokuqala beshaya iPolokwane City.