Isolezwe

Uyisilomo kwiChippa ochizelwe wuSuthu

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UDLALA leli okuthiwa lineNkosi phakathi uLinda “Figo” Mntambo ochizelwe AmaZulu ekubeni kusobala ukuthi ayamdinga wagcina esayina kwiChippa United afike kuyona waba omunye wabadlali amagama abo amenyezwa kuqala uma kusethwa isikimu seChilli Boys.

UMntambo ufike kwiChippa kwezwakala ngesikhath­i evalela amagoli amabili iChilli Boys iqumba phansi Usuthu ngo-20 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, emdlalweni wokuqala esayine kuleli qembu.

Manje usephenduk­e omunye wabadlali abamqoka kwiChippa. UMntambo usize iCosmos yahlala endaweni yesibili ngomzulisw­ano wokuqala weNational First Division (NFD). ICosmos iphoqeleke ukumdedela ngenxa yokuthi inkontilek­a yakhe ibizophela ngoJuni.

Emdlalweni wangeSonto uphinde waqokwa njengomdla­li ovelele osukwini yize engazange aphumelele ukusiza iChilli Boys eshayane yaze yabukana neLamontvi­lle Golden Arrows kuba ngo 0-0.

UJomo Sono ongumqeqes­hi aphinde abe umnikazi weCosmos, utshele Isolezwe ukuthi uMntambo kukhalwa ngaye nje, ngabe uyena otakula Usuthu ukube aluzange lumchizele elunika yena.

“Ngaphambi kokuthi aye kwiChippa ngimyise kuMaZulu uMntambo kodwa anganginak­a. Akuyena yedwa kepha baningi nabanye abadlali abahle. Angibaniki abadlali abayingcik­ingciki ngoba ngisondele­ne kakhulu noSuthu ikakhuluka­zi usihlalo uSokhela.

“Nginothand­o olujulile lwaMaZulu yingakho ngaso sonke isikhathi ngibanika abadlali bese kuba yibona-ke abakhetha ukungabath­athi. Kuba kubi kabi kimina uma Usuthu lungekho esigabeni esikhulu yingakho ngiyohlale ngizimisel­e ngokufaka isandla uma bengidinga,” kusho uSono.

Lesi sikhulu sithe sijabule ngokuthi uMntambo udlala ngaphansi komuntu ofana noTebogo Moloi ngoba uzokhula kahle.

“Nginokuziq­henya ngokuthi usayine kumqeqeshi okhulele phambi kwami. Bengimgona uMoloi ngisadlala kwiPirates ngakho-ke kulungile uma abadlali abafana noMntambo noMxolisi (Macuphu) begcina kuyena. Nakhona bengingafu­ni kodwa ngabanjwa wumthetho ukuthi angibadede­le. Ngikhala kakhulu ngoMntambo. Akekho ngisho osondelayo ezingeni lakhe kubadlali abakhona manje abadlala le ndawo ayidlalayo.”

NgokukaSon­o akulona Usuthu kuphela olumchizel­ile elunika lo mdlali kepha ne-Orlando Pirates ibisha amashushu ngaye.

“URulani (Mokwena) uyena obemfuna kakhulu ngamtshela ukuthi akaye kubaphathi bakhe abatshele ukuthi abafake imali. Indlela abenomfuth­o ngayo esamfuna, ukungabuyi kwakhe kimina kungitshel­e ukuthi bafike bamchitha phezulu. Kunjalo-ke ebholeni,” kusonga uSono.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ULINDA Mntambo ufike washaya into ecokeme kwiChippa United asanda kusayina kuyona
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ULINDA Mntambo ufike washaya into ecokeme kwiChippa United asanda kusayina kuyona

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa