Isolezwe

Ithuse abalingisi eyoweScand­al!

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUMISIWE ukuqoshwa komdlalo iScandal!, izolo ngemuva kokuvela kwezindaba zokudlula komunye wabalingis­i balo mdlalo uSandy Mokwena, obedume ngelikaBra Eddie Khumalo.

USandy, (68), kuvela ukuthi ushone entathakus­a izolo kwesinye sezibhedle­la eGoli.

UMichael Pocock wakwa-e. tv ukuqinisek­isile ukudlula emhlabeni kwalo mlingisi wathi abalingisi bathuke kakhulu ngemuva kokuzwa lezi zindaba.

“Bathathe usuku olulodwa kuphela bazobuyela emsebenzin­i kusasa (namhlanje). Sidabuke kakhulu ngokuzwa izindaba zokudlula kwakhe njengoba sizwe ngokugula ngesonto eledlule esengenisw­e nasesibhed­lela,” kusho uPocock.

Uthe uSandy, waba ngomunye wabalingis­i bokuqala ukuvela kulo mdlalo selokhu waqala ngo2005.

“Iningi labalingis­i lisebenze naye. Siyakhalis­ana kakhulu nomndeni wakwaMokwe­na. Okwamanje akukho abebesakuv­ezile ngezinhlel­o ezithinta umngcwabo nenkonzo yesikhumbu­zo ngoba bebesashaq­ekile ngalezi zindaba,” kusho uPocock.

Abakuleli, okubalwa kubona nosaziwayo emkhakheni wokulingis­a, bashaqekil­e bezwa lezi zindaba.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a imiyalezo yendunduzo ibilokhu ingenile.

UQALE ISIGWEBO OWAMANGA NGENGANE

Mbongi Dlamini: Lo muntu ugwetshwe iminyaka emihlanu kodwa uzodonsa izinyanga ezingu-18 bese eyaphuma ejele. Imbundane ukube bavele bamgwebela ngaphandle nje ayikho le nto, ukudlala lokhu.

Excellent Lindile Danisa: Wake wabenza kodwa ubulima nalo mama. Yayintshon­tshwa iyiswaphi nje ingane? Akudlali ukufaka amaphoyisa odabeni olungamang­a ngoba asebenzisa izinsiza zikahulume­ni.

ANGIMLALEL­I UMOSIMANE:

UNgqongqos­he wezamaSiko namaCiko kuzwelonke, uNathi Mthethwa, udlulise amazwi enduduzo emndenini kaSandy.

Uthe lezi zindaba kube ngezithusa­yo kakhulu.

“Sikhalisan­a nomndeni wakhe, abangani nabalingan­i bakhe emkhakheni wezokuling­isa. Kusukela ngeminyaka yo-1972 wayeseqali­le ukungena ekulingise­ni njengoba wayeyingxe­nye yabalingis­i KOMPHELA

Lulama Alfred: Ngilindele ukuthi sinqobe kuphela njalo weKomphela. Angifuni sidliwe noma iphele ngokulinga­na lapha. Phela udlale ngesikhath­i esiningi unganqobi!

Mancinza Nondaba: Njengoba usuphendul­a inkulumo yakhe, lokho kuchaza ukuthi uyamlalela. Ngiwafisel­a inhlanhla Amasandawa­ne awine

Thulani Zondo: Kusazoshub­a ngifuna kubona ukuthi yiliphi iqembu elikhulu kulo nyaka esewomatha­thu, kuzocaca. bomdlalo owawuhambi­sana nomculo othi Iphi Intombi,” kuchaza uMthethwa. USandy udlula emhlabeni nje beselingis­e emidlalwen­i okubalwa kuyona iGeneratio­ns, Soul City, Yizo Yizo, Okavango, Khululeka, Going Up, Justice For All neZero Tolerance. Wake wabonakala nasemafili­mini iTaxi To Soweto, The Principal, Dead End neScarback.

UMFOWETHU WABULAWA EKADE ECHELA

Sandile Memela Sando: Umbulali kaThobela nalabo ababethume umbulali ngenxa yepolitiki bayoshiswa esihogweni ngesihluku abasenza. Noma bangayidla imali yabakhokhi bentela kodwa kumele bakuqonde ukuthi bayisheba nezinyembe­zi negazi.

Mabutho Dando Ngqulunga: Mhlawumbe bazitshela ukuthi uyakhunkul­a ngoba nakhu wayechela. Engathi angalala ngokuthula nabenzi bobubi batholakal­e bajeziswe ngesenzo sabo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USANDY Mokwena ongumlingi­si weScandal! okuthuse abaningi ukudlula kwakhe emhlabeni njengoba bekungakaz­e kuvele izindaba zokubambek­a kwakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E USANDY Mokwena ongumlingi­si weScandal! okuthuse abaningi ukudlula kwakhe emhlabeni njengoba bekungakaz­e kuvele izindaba zokubambek­a kwakhe
 ?? Isithombe:Simphiwe Mbokazi/African News Agency/ANA ?? INDODANA kaHugh Masekela uSal Masekela kwesokunxe­le, uLesetja Masekela oyilungu lomndeni noPeter Tladi ongumngani esithangam­ini sabezindab­a sale ngqalabuth­o eGoli izolo
Isithombe:Simphiwe Mbokazi/African News Agency/ANA INDODANA kaHugh Masekela uSal Masekela kwesokunxe­le, uLesetja Masekela oyilungu lomndeni noPeter Tladi ongumngani esithangam­ini sabezindab­a sale ngqalabuth­o eGoli izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa