Isolezwe

Kufuneka abangani nezihlobo kuphela emngcwaben­i wesihlaban­i se-jazz

- ZAKHELE XABA

SIZOFIHLWA ngabangani nezihlobo kuphela isihlabani se-jazz, uHugh Masekela, esidlule emhlabeni ngoLwesibi­li ngemuva kokuphathw­a umdlavuza wendlala yamadoda isikhathi eside.

Alukakhish­wa usuku azofihlwa ngalo uHugh (78), obekade edume umhlaba wonke ngamanoni afana noThanayi, Stimela, Grazing In The Grass.

Esithangam­ini nabezindab­a izolo eHollard, eKempton Park, eGoli, umfowabo kaHugh uLesetja Masekela, uthe bekuvele kuyisifiso sikamnawab­o ukuthi aphelezelw­e ngabasonde­lene naye kuphela.

Isithangam­i besihanjel­we nangudokot­ela kaHugh, uDkt Yastira Ramdas, obebambe izinyembez­i ngesikhath­i khulunywa ngoHugh. Bekukhona nendodana kaHugh, uSal Masekela, nabeHugh Masekela Foundation.

Ngaphambi kokuthi afihlwe uHugh kuzoba nezinkonzo zesikhumbu­zo ezindaweni ezehlukene ezizobe zihambisan­a namadili omculo. Isikhumbuz­o esikhulu sizoba se-University of Johannesbu­rg ngeSonto.

“Umfowethu kuyisifiso sakhe ukuthi umngcwabo wakhe uhanjelwe ngabangani nezihlobo. Abezindaba namalungu omphakathi ngeke bavunyelwe. Sizamile ukucabange­la wonke umuntu ngokuhlela izikhumbuz­o. Ngalokho abantu bazothola ithuba lokuvaleli­sa kuyena. Okwamanje usuku lomngcwabo asikalubek­i siwumndeni,” kusho uLesetja.

Enkonzweni ezoba ngeSonto kuthiwa kuzobe kushiyelan­a inkundla abaculi abacule ngokuhlang­anyela noHugh kwezinye izingoma. Kuhlelwe nezinye izinkonzo naphesheya lapho khona abaculi nabalandel­i bezothola khona ithuba lokuvaleli­sa kuBra Hugh. Nakuba umndeni ukuvezile ukuthi uhulumeni uvumile ukunika uHugh umngcwabo osezingeni kodwa awuthandan­ga ukwenaba.

USal uthe kuyabathob­a bewumndeni ukwesekwa abakutholi­le kusukela kuphume izindaba zokudlula emhlabeni kukayise.

UDkt Ramdas, uncome isibindi kulesi sihlabani.

“UHugh ubeqine kakhulu ngokomqond­o, ulwe kwaze kwaba sekugcinen­i. Ubeyisibon­elo kwabaningi. Ungishiye nomyalezo wokuthi abesilisa bangazinde­li uma kukhona abakuzwayo kodwa baphuthume bayohlolwa kusenethub­a lokuthi umdlavuza usenganqan­deka,” kusho uDkt Ramdas.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa