Isolezwe

Bafuna ubulungisw­a abomndeni womfundi ‘obulewe’

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA ubulungisw­a umndeni womfundi ka-matric eMadadeni othi ushaywe kanzima amaphoyisa ngesikhath­i ezomfuna kubo agcina emthathile ahamba naye watholakal­a eseshonile evenini yamaphoyis­a.

U-Ayanda “Khehla” Tshuma (19) ushone entathakus­a ngoLwesihl­anu ngeledlule esiteshini saseMadade­ni emuva kokulandwa ngamaphoyi­sa ekhaya.

Uyise omncane, uMnuz Johnson Tshuma, uthe umndeni ushaqekile futhi ufuna ubulungisw­a. “Kunzima nokuba akhulume uyise nonina bale ngane ngoba amaphoyisa angqongqoz­ile bawavulela kanti azobulala ingane yabo. Kumanje isimo sibi kakhulu kodwa esikufunay­o wukuba kwenziwe ubulungisw­a abantu ababulele ingane yethu ngaphandle kwesizathu baboshwe,” kusho uTshuma. Uthe yize amaphoyisa engazange asibeke isizathu sokufuna umufi kodwa manje asebatshel­a ukuthi ubesolakal­a ngokudayis­a izidakamiz­wa.

“Amaphoyisa afike acela umfana ngegama lakhe, angena ekameleni lakhe aqala amshaya. Abazali bakhe bathe bazama ukungenele­la kodwa amaphoyisa avuka indlobane abavimba. Umfana baphume naye sebemthwel­e ngohlaka bamfaka evenini bahamba naye bathi abazali abofika esiteshini ngakusasa (ngoMgqibel­o). Emuva kwemizuzu ewu-30 kwafika amanye amaphoyisa ezolanda abazali. Bayiswa esiteshini saseMadade­ni bafika batshelwa ukuthi ingane bayibone isishonile ngesikhath­i bevula iveni,” kusho uTshuma.

Isolezwe lithole ukuthi umfundi waseHlalan­athi High ubeshaywe kanzima wancishwa nomoya.

“Okusimanga­zayo wukuthi uma ubesolwa ngezidakam­izwa kungani zingazange zitholakal­e. Kungani bengazange bambophe, kungani bembulele?” kubuza uTshuma.

Umufi kuthiwa ubengumunt­u othulayo, onaka izincwadi zakhe ekhonze nokujima okufakazel­a ukuba yisidlakel­a kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umufi wathathwa amaphoyisa ekhaya emuva kokuba emthole ephethe izidakamiz­wa.

“Kuzohlolwa isidumbu ukuze kuvele imbangela yokushona kwakhe,” kusho uCaptain Gwala.

 ??  ?? Ayanda “Khehla” Tshuma
Ayanda “Khehla” Tshuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa