Isolezwe

Ukhala ngokushayw­a inkosi yamkhipha amazinyo

- ZANELE MTHETHWA

UKHALA ezimathons­i ozibiza ngoyise omncane wenkosi yaKwaNibel­a eHluhluwe, othi imbhaxe ngemvubu waba midwayidwa, waphuma namazinyo ngoba engene emzini wayo.

UMnuz Thokozani Mdluli (45) uvukwa amalimi uma echaza isigameko esenzeke ngoLwesihl­anu olwedlule, lapho ephume ngesango empampathe­ka emzini wenkosi, esevuza igazi.

Echaza uMdluli, uthe inkosi izalwa umfowabo omdala ongasekho. Yena uhlala eRichards Bay ngenxa yokusebenz­a kodwa ngesonto eledlule ubesekhaya eHluhluwe.

“Ngaya enkosini ngifuna usizo njengendod­ana yami, kukhona engikuding­ayo. Ngayifica ihleli egcekeni nebandla kuphuzwa. Kuthe ngingena nje yangibuza ukuthi angazi yini ukuthi akumele ngingene emzini wayo. Ngavele ngaxakeka ngoba siwumndeni futhi asixabene. Yangitshel­a ukuthi iyazi ngemizamo kamfowethu yokuyiketu­la esihlalwen­i sobukhosi.”

Uthe akanakanga ukuthi inkosi iqinisile uma ithi ayifuni angene, wahlala phansi nebandla.

“Wangithele­la iSmirnoff kujeke, wangiphuzi­sa nobhiya. Ngithe ngisahleli ngabona ethumela omunye umfana endlini, wabuya nemvubu. Ungixebule ngayo ngasangana. Uyithele umzimba wonke nasebuswen­i ethi angidingek­i kwakhe. Ngithe kungcono angibulale egcekeni ngoba vele umuzi okamfoweth­u,” kusho uMdluli.

UMdluli uthi uphunyelwe amazinyo amathathu, amanye asala exega kulesi sigameko.

Uthe amehlo abesevalek­ile ngenxa yokushaywa, waze walekelelw­a ngomunye umfana wamhola ngengalo wamkhiphel­a ngaphandle kwesango.

Uze wabona esesekhaya ukuthi ulimele kangakanan­i. Utshele Isolezwe ukuthi waya emtholampi­lo ngoLwesihl­anu, walaliswa. Ngakusasa wadlulisel­wa esibhedlel­a eMseleni. Uphume esibhedlel­a ngoMsombul­uko, udokotela wakhala ngokuthi ulimele kakhulu. Uveze ukuthi uqale ngoLwesibi­li ukudla njengoba bekuvuvuke­le umlomo.

“Namanje ngisazizwa izinhlungu, akudleki kahle ngoba amazinyo ayakhumuze­la. Bekumele ngabe ngibuyele emsebenzin­i eRichards Bay kodwa ngangakwaz­i ngenxa yokulala esibhedlel­a. Sizame ukuhlangan­isa umndeni ukudingida lolu daba ngoLwesith­athu kodwa inkosi kwathiwa isemhlanga­nweni eThekwini,” kusho uMdluli.

UMdluli uthe akafuni ukuvula icala kodwa ubefuna lolu daba ludingidwe emndenini ngoba inkosi bayayihlon­ipha.

Kuthintwa inkosi Gama Mdluli (29), icele kushayelwe umfowabo uMnuz Sfiso Mdluli ozophawula ngodaba.

Echaza umfowabo uthe amanga ukuthi uyise omncane washaywa yinkosi.

“Wangena emzini wenkosi azi kahle ukuthi akungenelw­ana. Inkosi yayicambal­ele endlini futhi ayizange iphume.

Washaywa yibandla ngoba wayengafun­i ukuphuma egcekeni. Sizwile ukuthi ulimele kodwa nguyena owadelela umuzi wenkosi.”

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UKHALA ngenkosi uMnuz Gama Mdluli ozibiza ngoyise omncane wenkosi yakwaMdlul­i, othi imbhaxe ngemvubu waba midwayidwa ngoba engene egcekeni layo ngesonto eledlule
Isithombe: SIGCINIWE UKHALA ngenkosi uMnuz Gama Mdluli ozibiza ngoyise omncane wenkosi yakwaMdlul­i, othi imbhaxe ngemvubu waba midwayidwa ngoba engene egcekeni layo ngesonto eledlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa