Ukhala ngokushaywa inkosi yamkhipha amazinyo
UKHALA ezimathonsi ozibiza ngoyise omncane wenkosi yaKwaNibela eHluhluwe, othi imbhaxe ngemvubu waba midwayidwa, waphuma namazinyo ngoba engene emzini wayo.
UMnuz Thokozani Mdluli (45) uvukwa amalimi uma echaza isigameko esenzeke ngoLwesihlanu olwedlule, lapho ephume ngesango empampatheka emzini wenkosi, esevuza igazi.
Echaza uMdluli, uthe inkosi izalwa umfowabo omdala ongasekho. Yena uhlala eRichards Bay ngenxa yokusebenza kodwa ngesonto eledlule ubesekhaya eHluhluwe.
“Ngaya enkosini ngifuna usizo njengendodana yami, kukhona engikudingayo. Ngayifica ihleli egcekeni nebandla kuphuzwa. Kuthe ngingena nje yangibuza ukuthi angazi yini ukuthi akumele ngingene emzini wayo. Ngavele ngaxakeka ngoba siwumndeni futhi asixabene. Yangitshela ukuthi iyazi ngemizamo kamfowethu yokuyiketula esihlalweni sobukhosi.”
Uthe akanakanga ukuthi inkosi iqinisile uma ithi ayifuni angene, wahlala phansi nebandla.
“Wangithelela iSmirnoff kujeke, wangiphuzisa nobhiya. Ngithe ngisahleli ngabona ethumela omunye umfana endlini, wabuya nemvubu. Ungixebule ngayo ngasangana. Uyithele umzimba wonke nasebusweni ethi angidingeki kwakhe. Ngithe kungcono angibulale egcekeni ngoba vele umuzi okamfowethu,” kusho uMdluli.
UMdluli uthi uphunyelwe amazinyo amathathu, amanye asala exega kulesi sigameko.
Uthe amehlo abesevalekile ngenxa yokushaywa, waze walekelelwa ngomunye umfana wamhola ngengalo wamkhiphela ngaphandle kwesango.
Uze wabona esesekhaya ukuthi ulimele kangakanani. Utshele Isolezwe ukuthi waya emtholampilo ngoLwesihlanu, walaliswa. Ngakusasa wadluliselwa esibhedlela eMseleni. Uphume esibhedlela ngoMsombuluko, udokotela wakhala ngokuthi ulimele kakhulu. Uveze ukuthi uqale ngoLwesibili ukudla njengoba bekuvuvukele umlomo.
“Namanje ngisazizwa izinhlungu, akudleki kahle ngoba amazinyo ayakhumuzela. Bekumele ngabe ngibuyele emsebenzini eRichards Bay kodwa ngangakwazi ngenxa yokulala esibhedlela. Sizame ukuhlanganisa umndeni ukudingida lolu daba ngoLwesithathu kodwa inkosi kwathiwa isemhlanganweni eThekwini,” kusho uMdluli.
UMdluli uthe akafuni ukuvula icala kodwa ubefuna lolu daba ludingidwe emndenini ngoba inkosi bayayihlonipha.
Kuthintwa inkosi Gama Mdluli (29), icele kushayelwe umfowabo uMnuz Sfiso Mdluli ozophawula ngodaba.
Echaza umfowabo uthe amanga ukuthi uyise omncane washaywa yinkosi.
“Wangena emzini wenkosi azi kahle ukuthi akungenelwana. Inkosi yayicambalele endlini futhi ayizange iphume.
Washaywa yibandla ngoba wayengafuni ukuphuma egcekeni. Sizwile ukuthi ulimele kodwa nguyena owadelela umuzi wenkosi.”