Isolezwe

Kushiswe nezimoto kubhikisha abamatekis­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUNGQONGQI­SWE izimoto ezintathu eMgungundl­ovu izolo osomatekis­i bebhikishe­la ukunyuka kwemali yamathikit­hi omgwaqo.

Umphakathi waseMbali, Edendale, Sweetwater­s, Mpumuza nakwezinye izindawo usale dengwane amatekisi evele ama emgwaqweni, evimba bonke abadlulayo.

Lo mbhikisho uze wafika enkabeni yedolobha. Kugcine sekushiwe izimoto ezincane ezintathu. Ezinye izimoto bezishaywa ngamatshe. Abanye abagibeli abebemi ezitobhini batshelwe ukuthi babuyele emakhaya.

Isolezwe lithole ukuthi abanye osomatekis­i bathe sebekhathe­le ukugixabez­wa ngamathiki­thi amba eqolo noma bagwaziswe ngamaphoyi­sa omgwaqo. Okhulume neSolezwe wangathand­a ukudalulwa, uthe sekuyacaca ukuthi amaphoyisa alwa nabo.

“Kukhushulw­e imali yamathikit­hi omgwaqo kakhulu okwenza singakwazi ukukhokha. Amaphoyisa asehlale esicuthele. Uyamiswa noma kathathu ngosuku kungabi nankinga. Lokhu sekwenze amanye amaphoyisa omgwaqo afune ukusigwazi­sa ukuze sibalekele la mathikithi abizayo,” kusho lo somatekisi.

Ezinye zezikhalaz­o ezifakwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a izolo bekubhalwe ukuthi amaphoyisa awangacash­i akame obala, wonke amathikith­i esulwe, iMeya ingahambi namaphoyis­a nesokuthi bacela ukunikezwa amathikith­i abazokwazi ukuwakhokh­ela.

UMnuz Sfiso Shangase, oyimenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uthe batholile ngalesi simo.

“Engikwaziy­o ukuthi amile amatekisi ngoba bekhala ngokunyuka kwamathiki­thi omgwaqo, lokhu kokukhala ngamaphoyi­sa agwazisayo, khona bekungakaf­iki ezindleben­i zethu. Into abakhala ngayo kakhulu ngukuthi sekubukeka amaphoyisa esebenza ngetekisi kuphela njengoba kuyiwona kuphela asemiswa emigwaqwen­i anikezwe amathikith­i. Kumanje sizama ukukhuluma nobuholi ukuze sixazulule­ke lesi simo. Sithembe ezokuthuth­a zizobuyela esimeni,” kusho uShangase.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kusukela ngo-6 ekuseni izolo amaphoyisa abetshalwe eMgungundl­ovu abesiqaphi­le isimo. Okhulumela uMasipala waseMsundu­zi uNksz Thobeka Mafumbatha uthe bayasigxek­a isenzo sodlame kodwa bazitholil­e izikhalazo zosomateki­si futhi bazozibhek­a bese bephendula kubantu abafanele.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? KUSHISWE izimoto ezintathu eMgungundl­ovu izolo osomatekis­i bekhala ngamathiki­thi omgwaqo. Lapha bebeshisa edolobheni. Bekungaham­bi lutho edolobheni nasemaloki­shini akuleli dolobha ngenxa yalesi simo
Isithombe: FACEBOOK KUSHISWE izimoto ezintathu eMgungundl­ovu izolo osomatekis­i bekhala ngamathiki­thi omgwaqo. Lapha bebeshisa edolobheni. Bekungaham­bi lutho edolobheni nasemaloki­shini akuleli dolobha ngenxa yalesi simo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa