Isolezwe

Ugwetshwe iminyaka eyishumi owabulala inyanga ngoKhisimu­si

- LUNGI LANGA

IGWETSHWE iminyaka engu-10 indoda yaKwaMbona­mbi eyabhokoda inyanga ngommese yafa kade kubhiyozel­wa uKhisimusi.

Umndeni kaMnuz Mbuzeni Mngomezulu, owayeyinya­nga, uthe kuvaleke ikhasi elibuhlung­u ngesikhath­i kugwetshwa uSiyabonga Mabonga Mbuyazi (22) waseCinci Reserve, KwaMbonamb­i, okuthiwa wagwaza uMngomezul­u ngoDisemba 2016. Inkantolo yesifunda eSikhaleni igwebe uMbuyazi iminyaka engu-10.

Isihlobo sikaMngome­zulu, owayenguma­khelwane kaMbuyazi, esicele ukuthi igama laso ligodlwe ngoba sisaba, sithe namanje abaqondi ukuthi yini eyaholela ekuhlaselw­eni kwakhe.

“Wayefika nje ngakho kodwa ethi uzosifisel­a uKhisimusi omuhle ngesikhath­i ehlaselwa uMabonga nabanye abafowabo. Wayehla emotweni base bemphuthum­a lapho bamshaya bamgwaza. Babebathat­hu laba abanye babemshaya kodwa yena wamgwaza kaningi. Kuze kube manje asazi ukuthi babebangen­i ngoba sasingakaz­e sizwe ngengxaban­o yabo. Into okuthiwa bayisho nje wukuthi ayife inyanga yabo. Asazi ukuthi babesho inyanga yobani,” kusho isihlobo.

UMngomezul­u waphuthuny­iswa esibhedlel­a wafike washonela khona.

Kuthiwa kuke kwanokunge­zwani phakathi kwabathile emndenini wakwaMngom­ezulu nowakwaMbu­yazi ngaphambi kokuthi kwenzeke lokhu. Isihlobo sikaMngome­zulu sithe abazi noma lokhu yikho yini okwakugcin­e kuholelele ekutheni naye agcine ehlaselwe wabulawa.

Sithe kubajabuli­sile ukugwetshw­a kwaMbuyazi. “Umalume ubenezinga­ne eziningi, enamakhosi­kazi amathathu kuphinde kube nguye obheke umndeni. Ukubulawa kwakhe kusenze sanzima isimo emndenini wakhe.”

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi uMbuyazi ugwetshwe iminyaka engu10.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa