Isolezwe

Samukelwe isinqumo kolukaMole­fe

- BONISWA MOHALE

SAMUKELWE isinqumo seNkantolo eNkulu iNorth Gauteng sokuthi owayeyisik­hulu esiphezulu e-Eskom, uMnuz Brian Molefe, akhokhe uR11 million wemali yempesheni ayithola ngesikhath­i esula kule nkampani ngo-2016.

Izolo uMolefe waziswe ukuthi kumele akhokhe nezindleko zecala abelivulel­we yinyunyana iSolidarit­y.

UMengameli wamaJaji, u-Aubrey Ledwaba, uthe kwakungekh­o emthethwen­i ukunikezwa kukaMolefe imali yempesheni. Uthe kwakufana nento engekho ukubuyiswa kwakhe e-Eskom ngonyaka odlule ngoba akuhambisa­ni nemigomo yezinkampa­ni ezilawulwa nguhulumen­i.

Ummeli kaMolefe, u-Adv Barry Farber, uthe isinqumo sejaji sibe nzima kubona kodwa uMolefe uyindoda ejabule futhi efuna ukusebenze­la abakuleli.

Isikhulu esiphezulu seSolidari­ty, uMnuz Dirk Herman, sithe abakaqedi ngoMolefe ngoba basafuna ukumvulela icala lobugebeng­u.

UHerman uthe kunobufaka­zi obanele ukuthi bamvulele icala lokukhwaba­nisa kanti neNational Prosecutin­g Authority (NPA) yazise inkantolo ukuthi oKlebe bayaphenya ngalolu daba.

“UMolefe wasebenzis­a inkampani yakuleli ukuze azicebise,” kusho uHerman.UDkt Mbuyiseni Ndlozi we-EFF, uthe bayasamuke­la isinqumo senkantolo ngoba sikhombisa ngokusobal­a ukuthi uMolefe wazisulela emsebenzin­ii.

“Lokhu kuyakhombi­sa ukuthi i-ANC izimisele ukumosha imali yomphakath­i. UMolefe oyilungu le-ANC futhi obeyilungu lePhalamen­de ubezama ukuqola umbuso kodwa wabanjwa. Sibonga inkantolo ngokuba sohlangoth­ini lwabantu baseNingiz­imu Afrika,” kusho uNdlozi.

UMnuz James Selfe, onguSihlal­o weDA kuzwelonke uthe kunqobe abantu baseNingiz­imu Afrika ngesinqumo senkantolo ngoba uMolefe kwakungafa­nele athole impesheni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa