Isolezwe

Kunyukile ukudla nonyaka: Pacsa

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO esiza umphakathi iPietermar­itzburg Agency for Community Social Action (Pacsa) ithi ubhasikidi wokudla wenyuke ngo-R143 kulo nyaka okusho ukuthi ukudla komndeni wabantu abane sekubiza u-R2 401.06.

Esitatimen­deni asithumele abezindaba, uMnuz Mervyn Abrahams, uthe ukudla okunyuke kakhulu yimpuphu, irayisi, ushukela namafutha.

“Kuyasikhat­haza ukunyuka kokudla okubalulek­ile njengempup­hu ngoba yikona okudliwa kakhulu emakhaya amaningi. Kubantu abamnyama abawu-30 million bawu-12.2 million kuphela abasebenza­yo. Lokhu kusho ukuthi kubantu abane uyedwa kuphela osebenzayo. Okubuye kwenze isimo sibe nzima wukuthi imindeni eminingi iphila ngeholo lika-R2 900 ngenyanga okusho ukuthi ithenga izinto ezimbalwa.”

Uthe ukudla komndeni wabantu abahlanu kuba wu-R3 031.48 kanti okomndeni wabantu abayisikho­mbisa kubiza u-R4 198.45.

Ukudla kwengane eneminyaka ephakathi kwemithath­u kuya kweyisishi­yagaloluny­e kubiza u-R546.48 ngenyanga.

Okwengane eneminyaka ewu-1013, okomuntu oneminyaka ewu-19-64 nokwabanem­inyaka ewu-65 kubiza u-R620.49 ngenyanga umuntu emunye.

Ukudla kwengane yomfana eneminyaka ewu-14-18 owesilisa oneminyaka ewu-19-64 nowesifaza­ne okhulelwe noma oncelisayo kuwu-R687.62 umuntu emunye.

Uthe njengoba izingane eziningi zihola isibonelel­o sikahulume­ni esiwu-R380 ngenyanga kusho ukuthi azikwazi ukuthengel­wa ukudla okunomsoco ngoba kufanele zidle ukudla kuka-R17.70 ngosuku kodwa ngale mali zithola ukudla kuka-R12.67 ngosuku.

“Abahola impesheni ka-R1 600 ngenyanga banengcind­ezi ngoba kufanele bondle imindeni yabo esuke inentsha engasebenz­i,” kusho u-Abrahams.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa