Kunyukile ukudla nonyaka: Pacsa
INHLANGANO esiza umphakathi iPietermaritzburg Agency for Community Social Action (Pacsa) ithi ubhasikidi wokudla wenyuke ngo-R143 kulo nyaka okusho ukuthi ukudla komndeni wabantu abane sekubiza u-R2 401.06.
Esitatimendeni asithumele abezindaba, uMnuz Mervyn Abrahams, uthe ukudla okunyuke kakhulu yimpuphu, irayisi, ushukela namafutha.
“Kuyasikhathaza ukunyuka kokudla okubalulekile njengempuphu ngoba yikona okudliwa kakhulu emakhaya amaningi. Kubantu abamnyama abawu-30 million bawu-12.2 million kuphela abasebenzayo. Lokhu kusho ukuthi kubantu abane uyedwa kuphela osebenzayo. Okubuye kwenze isimo sibe nzima wukuthi imindeni eminingi iphila ngeholo lika-R2 900 ngenyanga okusho ukuthi ithenga izinto ezimbalwa.”
Uthe ukudla komndeni wabantu abahlanu kuba wu-R3 031.48 kanti okomndeni wabantu abayisikhombisa kubiza u-R4 198.45.
Ukudla kwengane eneminyaka ephakathi kwemithathu kuya kweyisishiyagalolunye kubiza u-R546.48 ngenyanga.
Okwengane eneminyaka ewu-1013, okomuntu oneminyaka ewu-19-64 nokwabaneminyaka ewu-65 kubiza u-R620.49 ngenyanga umuntu emunye.
Ukudla kwengane yomfana eneminyaka ewu-14-18 owesilisa oneminyaka ewu-19-64 nowesifazane okhulelwe noma oncelisayo kuwu-R687.62 umuntu emunye.
Uthe njengoba izingane eziningi zihola isibonelelo sikahulumeni esiwu-R380 ngenyanga kusho ukuthi azikwazi ukuthengelwa ukudla okunomsoco ngoba kufanele zidle ukudla kuka-R17.70 ngosuku kodwa ngale mali zithola ukudla kuka-R12.67 ngosuku.
“Abahola impesheni ka-R1 600 ngenyanga banengcindezi ngoba kufanele bondle imindeni yabo esuke inentsha engasebenzi,” kusho u-Abrahams.